Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 9:4 - IsiZulu 2020

4 “Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe, ningethembeli nakubafowenu, ngokuba abafowenu bonke bagebenga, bonke omakhelwane behla benyuka, behleba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe, ningethembi nakumfowenu, ngokuba abafowenu bonke bayaqinela, nabo bonke abakhelwane bayahambahamba behleba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Qaphelani, kube yilowo nalowo komakhelwane bakhe, ningethembi kumfowabo, ngokuba yilowo nalowo abafowabo bayakucindezela nokuqothula, nabo bonke umakhelwane bahambe behleba.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 9:4
28 Referans Kwoze  

Bahlubukile bonke nokuhlubuka, bahamba behleba; bayithusi nensimbi, bangababhubhisi bonke.


“Umuntu uyakumkhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Abantwana bayakuvukela abazali, bababulale.


“ ‘Awuyukuhamba unyevuza phakathi kwabantu bakini. Awuyukufuna nzuzo ngegazi likamakhelwane wakho; nginguSimakade.


Abafowenu nabendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, bamemeza bekhala emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”


Umuntu ofakaza amanga ngomakhelwane wakhe, ufana nesando, nenkemba, nomcibisholo obukhali.


Ofihla inzondo unezindebe zamanga; odalula umbiko omubi uyisiwula.


ongahlebi ngolimi lwakhe, ongenzi okubi kumngani wakhe, nongamhleki usulu umakhelwane wakhe;


Yayisithi kuye: “Awusezukubizwa ngokuthi unguJakobe, usuzobizwa ngokuthi ungu-Israyeli, ngokuba ulwe noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”


ukuze kungabi bikho noyedwa owonayo ngalokhu, aphambe umfowabo; ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambilini, futhi sagcizelela.


Impela niyakukhashelwa ngisho ngabazali, abafowenu, izihlobo nabangani; abanye benu bayakubulawa yibo.


“Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela ezigcawini zokwehlulela, banishaye emasinagogeni abo.


Abantu abahlebayo babekuwe ukuba bachithe igazi, badla kuwe ezintabeni, bekuwe benza ubufebe.


ufakazi ofakaza amanga ophafuza inkohliso, odala ingxabano kubafowabo.


Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uSimakade, yebo, eziyisikhombisa eziyisinengiso esikhulu emphefumulweni wakhe:


Ohleba umakhelwane wakhe esithe ngiyombhubhisa, angiyukumbekezelela ozikhukhumezayo.


Sonile, samphika uSimakade; sihlubukile, asamlandela uNkulunkulu wethu; sikhulume ngokucindezela, nangokwambuka, sicabangile, sakhuluma amanga asenhliziyweni.


Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo, lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo komakhelwane babo, kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.


“Kanti asinaBaba munye yini thina sonke na? Akamunye yini uNkulunkulu owasidalayo na? Pho sikhohlisanelani omunye nomunye, sihlambalaze isivumelwano sokhokho na?


Ngokuba abalali uma bengakwenzanga okubi; bayaqwasha uma bengakhubekisanga muntu;


kwazise badla isinkwa senkohlakalo, baphuze iwayini lobudlova.


Labo abahola laba bantu bayabadukisa, nalabo abaholwayo badidekile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite