Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 9:17 - IsiZulu 2020

17 Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Qaphelani, nibize abesifazane besililo ukuba beze; thumelani kwabesifazane abahlakaniphileyo ukuba bafike,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Qaphelani, nibize abesifazane besililo ukuba bafike, nithumele kwabesifazane abahlakaniphileyo ukuba bafike,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bhekani, nibize abesifazane abalilayo ukuba beze; nithumele abesifazane abahlakaniphileyo ukuba beze.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 9:17
12 Referans Kwoze  

nalapho abantu besaba okuphakemeyo, isihlahla somAlimondi siyoqhakaza, intethe itotobe, izihlahla zekaphari zingatheli, ngokuba umuntu useya ekhaya lakhe laphakade, abalilayo bayazulazula emigwaqweni,


UJeremiya wamlilela uJosiya. Bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bayakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla. Bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe ezililweni.


Bafika-ke endlini yomphathi wesinagoge. UJesu wabona isiyaluyalu; abakhalayo, nababelila kakhulu.


Mabaluqalekise labo abaqalekisa usuku, labo abalungele ukuvusa uLeviyathani.


UJesu esefikile endlini yomphathi, ebona khona ababethi bemitshingo nesixuku esethukile,


Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, ukhihle isililo emagqumeni aphakemeyo angamaqwaqwasi, ngokuba uSimakade ukwalile, usilahlile isizukulwane sentukuthelo yakhe.


INkosi yaphenduka yanjengesitha, yambhubhisa u-Israyeli, yachitha zonke izigodlo zakhe, yabhidliza izinqaba zakhe, yandisa ukukhala nokulila endodakazini uJuda.


“Wena ndodana yomuntu, dinda isililo ngeThire,


“ ‘ “Leso-ke yisililo abantu abayakusihlabelela. Amadodakazi ezizwe ayakusihlabelela, elilela iGibhithe naso sonke isixuku salo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Lalelani leli lizwi engilimemezela kini eliyisililo ngendlu ka-Israyeli.


Ngalolo lusuku bayakusho isaga ngani, bakhihle isililo, bethi: ‘Kuphelile, kuphele nya ngathi; isabelo sabantu bami sinikwe abanye abantu! Maye, usithathile kimi, amasimu ethu wawabela amahlubuka!’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite