Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 9:12 - IsiZulu 2020

12 Ngubani umuntu ohlakaniphileyo, ongaqonda okukhulunywe kuye ngumlomo kaSimakade, ukuze akumemezele na? Izwe libhujiselweni, lishiselweni lanjengehlane, kwangaba bikho odabula kulo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngubani umuntu ohlakaniphileyo ongakuqonda lokhu, okhulumile kuye umlomo kaJehova, akumemezele, na? Izwe lichithelweni, lasha njengehlane, kungekho odabulayo, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngubani umuntu ohlakaniphileyo ongakuqonda lokhu na? futhi ngubani lo okhulunywe kuye umlomo kaJehova ukuba akumemezele lokhu, ngoba izwe lichithiwe futhi lishiswe njengehlane elingadluli muntu na?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 9:12
22 Referans Kwoze  

Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.


Ngubani ohlakaniphileyo na? Makakuqaphelisise lokhu; bawuqonde umusa kaSimakade.


nezwe elivundileyo laba wugwadule lukasawoti ngenxa yobubi yababehleli kulo.


Uma bebehlakaniphile bebeyakukuqonda lokhu, baqonde nesiphetho sabo.


Ubusisiwe lowo ofundayo nalabo abezwa amazwi alesi siphrofetho, bese bekugcina okulotshwe kuso, ngokuba isikhathi sesiseduze.


“Ngakho-ke uma nibona amanyala anyantisayo, akhuluma ngawo uDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele ukuthi kusho ukuthini.


Ngubani phakathi kwenu oyobeka indlebe kulokhu, aqaphele, ezwe okwesikhathi esizayo na?


Yizwani izwi likaSimakade nina besifazane, izindlebe zenu zilamukele izwi eliphuma emlonyeni wakhe, nifundise amadodakazi enu iculo lesililo, kube yilowo nalowo afundise umakhelwane wakhe ukukhihla isililo.


Ngokuba izwe ligcwele iziphingi; izwe lomisile ngenxa yesiqalekiso; amadlelo asehlane omile. Baphila impilo embi, basebenzisa namandla abo ngokungafanele.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaphrofethi abaphrofetha kini; bayanikhohlisa, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo, hhayi okuphuma emlonyeni kaSimakade.


Uma babemile emkhandlwini wami, bebeyokwenza abantu bami bawezwe amazwi ami, bebeyobanqanda endleleni yabo embi, nasezenzweni zabo zokukhohlakala.


Umphrofethi onephupho makalande ngalo iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukusanhlamvu na?” kusho uSimakade.


Jabhani balimi, nikhale nina enilima izimvini ngenxa kakolo nebhali, ngokuba isivuno sensimu sishabalele.


“Ngiziqothulile izizwe, imibhoshongo yazo iyincithakalo, ngenze imigwaqo yazo amagebhugebhu, ukuze kungadluli muntu kuyo, imizi yazo icekelwe phansi yasala dengwane.


“Bayakudla, kodwa bangasuthi, bayakufeba, kodwa bangandi, ngokuba bamshiyile uSimakade,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite