Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 8:5 - IsiZulu 2020

5 Pho kungani laba bantu baseJerusalema bephendukile, bahlubuka njalonjalo na? Babambelela enkohlisweni, benqaba ukubuya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bahlehlelani laba bantu baseJerusalema ngokuhlehla njalonjalo na? Babambelela enkohlisweni, bala ukubuya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kungani laba bantu baseJerusalema behlehliswa ukuhlubuka kwaphakade? babambelele enkohliso, bayala ukubuya.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 8:5
26 Referans Kwoze  

Bahlala phakathi kwenkohliso; ngenkohliso bayenqaba ukungazi Mina,” kusho uSimakade.


Simakade, kanti amehlo akho awafuni lona yini iqiniso na? Ubashayile, kodwa abadabukanga, ubaqedile, kepha balile ukwemukela ukuyalwa; ubuso babo babenze balukhuni ukwedlula itshe, benqaba ukuphenduka.


“Kepha benqaba ukulalela, bapikla, bavala izindlebe zabo ukuba bangezwa.


Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?


Kepha anifuni ukuza kimi ukuze nibe nokuphila.


Abantu bami baphikelele ukuhlubuka kimi, noma bangambiza kangakanani oPhezukonke, ngeke abaphakamise.


Njengendlwana yezinyoni igcwele izinyoni, kanjalo izindlu zabo zigcwele inkohliso; bakhulu, banothile.


Udla umlotha, inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile; akanakuwusindisa umphefumulo wakhe, nokuba athi: “Akukho yini amanga kwesokunene sami na?”


abathi ezangomeni: “Ningasibhuleli,” nakubaphrofethi, bathi: “Ningaphrofethi okuliqiniso, kodwa sitsheleni izinto ezikhohlisayo, niphrofethe inkohliso;


kodwa bambisisani lokhu eninakho, ngize ngifike.


Vivinyani konke, nibambisise okuhle.


Ngokuba u-Israyeli unenkani njengesithole esinenkani; pho uSimakade angabelusa kanjani njengewundlu lemvu emadlelweni abanzi na?


Intombi ingakhohlwa yini yimvunulo yayo, nomakoti ixhama lakhe na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.


Kodwa uma nenqaba, futhi nihlubuka, niyodliwa yinkemba,” ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.


Bambelela ekuyalweni, ungakuyeki; kulonde, ngokuba kungukuphila kwakho.


Ngakho-ke ingonyama yehlathi izobahlasela, impisi yasehlane ibabhubhise, ingwe icuthele imizi yabo; bonke abaphuma kuyo ibadweshule, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlubuka kwabo kukhulu.


Simakade, nakuba izono zethu zifakaza ngathi, kodwa yenza okuthile, ngenxa yegama lakho, ngokuba ukuhlubuka kwethu kukhulu; sonile kuwe.


Wonke u-Israyeli weqile umthetho wakho, echezuka ukuze bangalilaleli izwi lakho; ngalokho isiqalekiso sithululwe phezu kwethu kanye nesifungo esilotshiwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye.


Uyakuhlala uthukuthele njalonjalo na? Uyoyigcina intukuthelo kuze kube phakade na? Yiyona ndlela okhulume ngayo, kodwa wenza okubi, waphumelela ukukwenza.”


Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu, ngithi: ‘Lalelani ukukhala kwecilongo,’ kepha, bathi: ‘Asiyukulilalela.’


Yizwa wena mhlaba, bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwalaba bantu, isithelo samacebo abo, ngokuba abawalalelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.


“Abayukubuyela eGibhithe, i-Asiriya libe yinkosi yabo, njengoba benqaba ukuphenduka na?


Manje bayaqhubeka nokona, bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo, nezithombe ezibaziweyo ngobungcweti babo, konke lokhu kungumsebenzi wezingcweti, bakhuluma kubo, bathi: “Abenza umhlatshelo kumele bange amathole.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite