Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 8:4 - IsiZulu 2020

4 “Uyokuthi futhi kubo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Abantu bayawa yini, bangabuye basukume na? Umuntu uyaphambuka yini, angabuye aphenduke na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Futhi uyakusho kubo, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Abantu bayakuwa, bangabuyi basukume, na? Umuntu uyaphambuka, angabuyi aphenduke, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Futhi kumelwe uthi kubo: ‘Usho kanje uJehova; Ingabe bayowa futhi bangavuki? uzofulathela angabuyi na?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 8:4
15 Referans Kwoze  

ngokuba noma olungileyo angawa kasikhombisa, uyobuye avuke, kepha izikhohlakali ziyowiswa ngokubi.


Sitha sami, ungasini ngethambo lami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uSimakade uyakuba ngukukhanya kwami.


“Wozani, masibuyele kuSimakade, ngokuba Yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; Yena usishayile, uyakubopha inxeba lethu.


“Uma indoda ilahla umkayo, noma yena ahambe ayogana enye indoda, ingabe isabuyela yini kuye na? Lelo lizwe liyobe lingangcoliswanga kakhulu na? Kepha wena ofebe nezithandwa eziningi uyakubuyela kimi,” kusho uSimakade.


Omubi makayishiye indlela yakhe, nomuntu owenza ibe mibi imicabango yakhe, abuyele kuSimakade, uyokuba nomusa kuye, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyophiwa intethelelo enkulu.


“Iwile intombi yakwa-Israyeli, ayisayukuvuka; ilahliwe ezweni layo, akekho oyakuyivusa.”


Israyeli, buyela kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ukhubekile ngenxa yobubi bakho.


Ukuzigqaja kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, kodwa ababuyelanga kuSimakade uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokho.


Ngikwenamela ngempela yini ukufa komubi, kunokuba aphenduke, aphile na?” kusho iNkosi uSimakade.


Iziphambeko zakho ngizesule njengefu, nezono zakho njengomlaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”


bese kuzwakala nanoma yimuphi umkhuleko, nanoma yikuphi ukunxusa, okuvela kunoma yimuphi umuntu, nakubo bonke abantu bakho, u-Israyeli, ngamunye azi inhlupheko yenhliziyo yakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,


Mhlawumbe indlu kaJuda iyakuzwa konke okubi engihlela ukukwenza kubo, ukuze baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, bese ngibathethelela ububi babo nezono zabo.”


Ngibone into embi kubaphrofethi baseJerusalema; bayaphinga, bahamba ngobuqili, bakhuthaza abenza okubi ukuze kungaphenduki muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi, nezakhamuzi zakhona zinjengeGomora.”


“Uma uphenduka, Israyeli,” kusho uSimakade, “uyakubuyela kimi; uma ususa phambi kwami izinengiso zakho, awuyukuntengantenga.


“Buyani nina bantwana enihlubukayo; ngizoniphulukisa ekuhlubukeni kwenu.” “Bheka, sesilapha, siza kuwe, ngokuba unguSimakade uNkulunkulu wethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite