Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 8:15 - IsiZulu 2020

15 Besilindele ukuthula, kodwa akukho okuhle; nesikhathi sokuphiliswa, kepha bheka, luvalo lodwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Silindela ukuthula, kepha okuhle akukho, nesikhathi sokuphulukiswa, kepha bheka, luvalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Besilindele ukuthula, kodwa akufikanga okuhle; futhi okwesikhathi sempilo, futhi bheka, kukhona usizi!

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 8:15
9 Referans Kwoze  

Ngabe uJuda usumlahle impela na? Umphefumulo wakho usunengiwe yini iZiyoni na? Usishayeleni size singabi nakuphiliswa na? Besibheke ukuthula, kodwa akukho okuhle; nesikhathi sokusindiswa, kodwa luvalo lodwa.


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


Ngokuba abakhe eMarothi basezinhlungwini ezinzima, balindele okuhle, phela inhlekelele yehlile ivela kuSimakade, ifike esangweni eJerusalema.


Belaphile kalula ukulimala kwendodakazi yabantu bami, bethi: “Ngukuthula, ngukuthula;” kube kungekho ukuthula.


Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Simakade, impela ubakhohlisile laba bantu neJerusalema, wathi: ‘Niyakuba nokuthula,’ kodwa inkemba isemqaleni.”


Lapho ngilindele okuhle, kwafika okubi, ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama.


Ningaphumeli endle, ningahambi emgwaqweni, ngokuba isitha sinenkemba, kugcwele ukwesabeka nxazonke.


Ababhubhisi batheleke bevela kuzo zonke izindawo eziphakemeyo, ezingamaqwaqwasi ehlane; inkemba kaSimakade iyabhubhisa, kusukela kulo mkhawulo womhlaba kuya komunye, akukho ukuthula kubantu.


Okwesabekayo kuyeza; bayakufuna ukuthula, kepha akuyukuba bikho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite