Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 8:13 - IsiZulu 2020

13 “ ‘Bengizobutha nokubutha, kepha awekho amagilebhisi namakhiwane emkhiwaneni; amaqabunga abunile engabanika khona bakwephuciwe,’ ” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “ ‘Bengiyakubutha nokubutha,’ usho uJehova, ‘kepha azikho izithelo zomvini emvinini, namakhiwane emkhiwaneni; namaqabunga abunile; engibanikile khona kusukile kubo.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngiyakubaqeda impela, usho uJehova; kungabikho zithelo zomvini emvinini, namakhiwane emkhiwaneni, amaqabunga abune; futhi izinto engibanike zona ziyodlula kubo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 8:13
25 Referans Kwoze  

Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, waya kuwo, kodwa akatholanga lutho kuwo, ngaphandle kwamaqabunga kuphela. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna ngaso leso sikhathi.


Sicekele phansi umvini wami, nomkhiwane wami sawuphundla kwasala isiphunzi. Saxebula amagxolo awo sawalahla, amagatsha awo aba mhlophe qwa.


Uyakufana nesihlahla esitshalwe ngasemanzini, esimpande zaso sizenabisele ngasemfuleni. Akayukwesaba lapho ebona ukushisa kuza, amaqabunga aso ahlala eluhlaza, ngonyaka wesigagadu awanakukhathazeka, futhi awayeki ukuthela izithelo.


Ngokuba ilanga liphuma libalele, libunise utshani, imbali ekubo ivuthuke, nobuhle bokubukeka kwayo bunyamalale; kanjalo-ke nesicebi siyakushabalala ezindleleni zaso.


Nganishaya ngokuhwamuka, ngesikhunta, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Ngase ngibiza isomiso sibe phezu kwezwe, phezu kwezintaba, phezu kokusanhlamvu, phezu kwewayini elisha, phezu kwamafutha amasha, phezu kokuvezwa ngumhlabathi, phezu kwabantu, phezu kwemfuyo, naphezu kwawo wonke umshikashika wezandla.”


Noma umkhiwane ungeqhakaze, nemivini ingabi nazithelo, nomsebenzi womnqumo ungaphumeleli, amasimi angabi nasivuno, kungabi bikho mhlambi wezimvu nezimbuzi esibayeni nazinkomo esibayeni,


Siyakudla isivuno sakho nesinkwa sakho, sidle amadodana namadodakazi akho, sidle izimvu zakho nezinkomo zakho, sidle imivini yakho nemikhiwane yakho, sibhubhise ngenkemba imizi yakini ebiyelweyo enethembele kuyo.


Ngokuba ama-eka alishumi esivini ayakuthela ibhathi libe linye, ihomere lembewu lithele i-efa nje.”


Isithukuthuku senu siyophelela obala; izwe lenu aliyukuthela lutho, nemithi ekulo ayiyukuthela zithelo.


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, intukuthelo nolaka kwami ngizokuthululela kule ndawo; phezu kwabantu, izilwane, izihlahla zasendle, nezithelo zomhlaba; kuzakuvutha kungacimeki.


Bayakuzila ukudla, kodwa angiyukuzwa ukunxusa kwabo; bayakunikela ngomnikelo wokushiswa nangowokusanhlamvu; angiyukuthokoza ngabo, kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane.”


Ngiyakucekela phansi imivini yakhe nemikhiwane yakhe, athe ngakho: ‘Kuyinkokhelo yami ezinginike yona izithandwa zami;’ ngizokwenza kube yihlozi, izilwane zasendle zikudle.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngabaphrofethi abaphrofetha egameni lami, ngingabathumanga, bathi: ‘Akuyukuba bikho nkemba nandlala kuleli lizwe,’ bazokufa ngenkemba, nangendlala laba baphrofethi.


Ngase ngithululela ulaka lwami phezu kwabo, ngabaqeda nya ngomlilo wentukuthelo yami, kwathi konke abakwenzileyo ngakuthela phezu kwamakhanda abo,” kusho iNkosi uSimakade.


“Ngiyakunivimbela isikhonyane ukuba singaziqothuli izitshalo zenu ezivela emhlabathini, nemivini yenu ingabi ngengatheliyo emasimini,” kusho uSimakade Wamabandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite