Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 7:7 - IsiZulu 2020

7 ngiyakunenza nina nakhe kule ndawo, ezweni engalinika okhokho benu, kusukela emandulo kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 ngiyakunakhisa kule ndawo ezweni engalinika oyihlo kusukela endulo kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngiyakunihlalisa kule ndawo, ezweni engalinika oyihlo, kuze kube phakade naphakade.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 7:7
12 Referans Kwoze  

Uyogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuze kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, ukuze zande izinsuku zakho ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, kuze kube phakade.”


lapho kuthiwa kini: “Ake niphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nasezenzweni zenu ezimbi, bese nihlala ezweni uSimakade alinika okhokho benu, kusukela phakade kuze kube phakade.


Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuhamba nendlu yakwa-Israyeli, ziyakubuya kanyekanye ezweni enyakatho, ziye ezweni engalinika okhokho benu ukuba libe yifa labo.


Futhi angiyukulususa unyawo luka-Israyeli, angiyukulususa ezweni engalimisela okhokho benu, uma nje beyakukugcina benze konke engibayale ngakho, wonke umthetho, izimiso, izehlulelo engabanika khona ngomlomo kaMose.”


Aniyukumhlupha umfelokazi nentandane.


“Uma uphenduka, Israyeli,” kusho uSimakade, “uyakubuyela kimi; uma ususa phambi kwami izinengiso zakho, awuyukuntengantenga.


Ngathumela izinceku zami, abaphrofethi, ngibathuma ngiphindelela, ngithi: “Ake niphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze imisebenzi yenu ibe mihle, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze; yikhona niyakuhlala ezweni engalinika nina nokhokho benu.” “ ‘Kepha aniyibekanga indlebe yenu, aningilalelanga.


Ngathi: ‘Impela uyakungesaba, ukwemukele ukuyalwa.’ Indawo yawo yokuhlala ayiyukushatshalaliswa, kungenzeki konke engiwunqumele khona. Kodwa noma kunjalo, bavuka ekuseni benze inkohlakalo ngazo zonke izenzo zabo.


Uma nivuma, futhi nilalela, niyokudla okuhle kwezwe.


Ngakho-ke lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nilalele izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, ukuze uSimakade ayeke ukunehlisela inhlekele akhulume ngayo kini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite