Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 7:4 - IsiZulu 2020

4 Ningethembeli emazwini angamampunge, uma kuthiwa: leli yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ningethembi emazwini amanga, lapho kuthiwa: “Nanti ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ningethembi emazwini amanga athi: Ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, yilo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 7:4
16 Referans Kwoze  

Izinhloko zalo zehlulela ngokugwazelwa, abaphristi balo bafundisa ngenxa yokukhokhelwa, nabaphrofethi babhula ngenxa yesiliva, bethembele kuSimakade, bethi: “Akekho yini phakathi kwethu uSimakade na?” Asiyukwehlelwa yinhlekele.


Ngalolo lusuku awuyukuba namahloni ngazo zonke izenzo zakho owahlubuka ngazo kimi, ngokuba ngiyakususa kuwe abajabulela ukuzigqaja kwabo; awusayukuphinde uzikhukhumeze futhi entabeni yami engcwele.


Nina ningihlambalazile kubantu bami, ngoba nifuna inkeshezana yebhali nezingcezwana zesinkwa. Nibulale labo obekungafanele bafe, nalondoloza labo ebebengezukuphila, lapho nikhuluma amanga kubantu bami abawalalelile.”


“Thumela kubo bonke abathunjwa, uthi: ‘Usho kanje uSimakade ngoShemaya waseNehelamu, uthi: ngenxa yokuba uShemaya ephrofethe kini Mina ngingamthumanga, wanenza nethembela emangeni,


Ngakho-ke vezani izithelo ezifanele ukuphenduka, ningaqali nithi ngaphakathi kwenu: ‘Sinobaba u-Abhrahama,’ ngokuba ngithi kini: uNkulunkulu unamandla okuvusela u-Abhrahama abantwana kulawa matshe.


Umphrofethi uJeremiya wayesethi kuHananiya, umphrofethi: “Ake ulalele, Hananiya, uSimakade akakuthumanga, kodwa wena usuwenze laba bantu bethembela emangeni.


Belaphile ukuphoqoka kwabantu bami ngokuyekethisa, bethi: ‘Ukuthula, ukuthula,’ kepha kungekho ukuthula.


ngokuba benza ubuwula kwa-Israyeli, baphinga nabafazi bomakhelwane babo, bakhuluma amazwi angamanga egameni lami engingabayalanga ngawo; yimi engikwaziyo lokho, ngingufakazi,” kusho uSimakade.


ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona, nale ndlu engiyingcwelisele iGama lami ngiyoyichitha phambi kwami, u-Israyeli aphenduke isaga nembuqo phakathi kwabo bonke abantu.


Ngokuba bazibiza ngomuzi ongcwele, bencika kuNkulunkulu ka-Israyeli, nguSimakade Wamabandla, igama lakhe.


Akekho omemeza ngokulunga, akekho nowehlulela ngeqiniso; bethembela kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe ububi, bazala inkohlakalo.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iyiphi leyo ndlu eniyakungakhela yona, iyiphi indawo yami yokuphumula na?


Ngizokwenza kule ndlu ebizwa ngeGama lami nenithembela kuyo, nakule ndawo enganinika yona, nina nokhokho benu, njengalokhu ngenza eShilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite