Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 7:33 - IsiZulu 2020

33 Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nezilwane zasendle; akekho oyakuzethusa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; akakho oyakuzesabisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; futhi akekho oyobadabula.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 7:33
19 Referans Kwoze  

Ngabe ifa lami liyinqe elimanakanaka kimi na? Ngabe amanqe alihaqe nxazonke na? Hambani, nibuthe zonke izilwane zasendle, nizilethe, zidle.


Isidumbu sakho siyakuba ngukudla kwazo zonke izinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; akuyukuba bikho oyoziphazamisa.


Uyakuwa ezintabeni zakwa-Israyeli, wena namaviyo akho wonke, nezizwe ezikanye nawe, ngikunikele kuzo zonke izinyoni ezinhlobonhlobo ezidla inyama, nasezilwaneni zasendle ukuba zikudle.


Yebo, ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo, nasesandleni salabo abafuna ukuphila kwabo; izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle.


Ngalolo lusuku ababuleweyo bakaSimakade bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba, baze bafike komunye; abayukukhalelwa, abayukubuthwa, abayukungcwatshwa, bayakuba njengendle ebusweni bomhlaba.


Uyakungcwatshiswa okwembongolo, ahudulwe, alahlwe ngale kwamasango eJerusalema.”


“ ‘Ngiyakuliphunzisa icebo likaJuda neJerusalema kule ndawo, ngibaqumbe phansi ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo. Izidumbu zabo ziyokuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle.


“Bayakubulawa yizifo, bangalilelwa, futhi bangangcwatshwa; bayakufana nendle emhlabathini, baqothulwe ngenkemba, babhujiswe yindlala, izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu, nezilwane zomhlaba.”


Khuluma uthi: “Usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Izidumbu zabantu ziyakusabalala njengendle emasimini, nanjengokusanhlamvu okunqunyiwe okusala emva komvini, kungekho okubuthayo.’ ”


Ayoshiywa ndawonye, abe ngawamanqe asezintabeni, nawezilwane zasemhlabeni. Amanqe ayohlala kuwo ehlobo, ebusika kuhlale kuwo zonke izilwane zomhlaba.


Abantu abaphrofetha kubo bayakuphonswa emigwaqweni eJerusalema ngenxa yendlala nenkemba. Akuyukuba bikho muntu oyobangcwaba, bona nomkabo, namadodana namadodakazi abo, ngiyakuthela okubi phezu kwabo.


“Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine,” kusho uSimakade: “inkemba yokubulala, izinja zokuhudula, izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudweshula nokubhubhisa.


Ngiyakukulahla ehlane, wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho, uwe ebusweni bomhlaba; awuyukubuthwa, noma ucoshwe; ngiyakukunikela ezilwaneni zomhlaba, nasezinyonini zezulu, ube ngukudla kwazo.


Niyobhubha njengezizwe uSimakade azibhubhisa phambi kwenu, ngokuba ningalilalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu.”


Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu, kungene ezinqabeni zethu, kubulala izingane emigwaqweni, nezinsizwa ezigcawini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite