Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 7:31 - IsiZulu 2020

31 Bakhe izindawo eziphakemeyo eThofethi, esesigodini sendodana kaHinomu, ukuba bawashisele khona amadodana namadodakazi abo, into engingabayalanga ukuba bayenze, nengingakaze ngiyicabange.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Bakhile izindawo eziphakemeyo zaseThofeti ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba bashise amadodana abo namadodakazi abo ngomlilo, engingakuyalelanga nokungangenanga enhliziyweni yami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Bakha izindawo eziphakemeyo zaseThofeti elisesigodini sendodana kaHinomu ukuze bashise amadodana abo namadodakazi abo ngomlilo; engingabayalanga ngakho, nokungangenanga enhliziyweni yami.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 7:31
23 Referans Kwoze  

Yangcolisa iThofethi esigodini sabantwana bakwaHinomu ukuze kungabe kusaba bikho odabulisa indodana noma indodakazi yakhe emlilweni kaMolokhi.


Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBhali esigodini sendodana kaHinomu, ukuba badabulise khona amadodana namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engangingazange ngibayale ngakho, nokungazange kungene emqondweni wami ukuthi bangenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.


Badabulisa amadodana namadodakazi abo emlilweni, babhula, benza imilingo, bazithengisela ukwenza okubi emehlweni kaSimakade, ukuchukuluza ulaka lwakhe.


“ ‘Awuyukunikela ngenzalo yakho ibe ngumhlatshelo kuMolekhi, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguSimakade.


“ ‘ “Wathatha amadodana namadodakazi akho owawungizalele wona, wawahlabela zona ukuba azidle. Babubuncane yini ubufebe bakho na?


Wawadabulisa amadodana akhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu, wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo wabuye wavumela abanamadlozi nabathakathi, wenza nokunye okubi okuningi phambi kukaSimakade, waze wachukuluza ulaka lukaSimakade.


Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa amadodana akhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uSimakade abaxosha phambi kwabakwa-Israyeli.


Awuyukwenza kanjalo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba zonke izinto uSimakade azenyanyayo zizenzile lezi zizwe, zenzela onkulunkulu bazo, zibashisele ngisho amadodana namadodakazi azo emlilweni.


ahambe, akhonze abanye onkulunkulu, akhuleke kubo, noma kungaba yilanga, yinyanga, noma yibandla lezulu, engingayalanga ngakho ukuba kukhonzwe,


Wabulala bonke abaphristi basezindaweni eziphakemeyo lapho kwakunama-althare khona, washisa amathambo abantu phezu kwawo, wayesebuyela eJerusalema.


uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu, esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe.


bese ukhuphuka esigodini samadodana kaHinomu ekwehleni okungaseningizimu yamaJebhusi, okuyiJerusalema, nomngcele okhuphukela phezulu entabeni ebhekene nesigodi iHinomu, entshonalanga engasekugcineni, enyakatho yesigodi iRefa,


Indawo yakhe yokushisela ihlelwe kudala, ilungiselwe inkosi; uyenze yajula, yaba banzi, wabeka izinkuni eziningi, nokuphefumula kukaSimakade kunjengomfula wesibabule, kuyakuyithungela ngomlilo.


nina enisha yizinkanuko phakathi kwemi-okhi, phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; enibulala abantwana ezigodini, phansi kwemifantu yamadwala na?


“Ungakusho kanjani ukuthi: ‘Angingcolile, angibalandelanga oBhali,’ na? Bheka ukuziphatha kwakho esigodini, ubone ukuthi wenzeni: uyikamela lensikazi elinejubane, elizulazula ezindleleni zalo,


Ngabangcolisa ngeminikelo yabo ngokudabulisa emlilweni wonke amazibulo, ukuze ngibesabise, yikhona bezokwazi ukuthi nginguSimakade.’


Lapho niletha iminikelo yenu, nidabulisa amadodana enu emlilweni, niyazingcolisa ngazo zonke izithombe kuze kube namuhla. Niyakubuza kimi yini, nina ndlu ka-Israyeli na? Qha, ngifunga ngiyagomela, ngeke ngibuzwe yini,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Ngabe uyakuthokoza yini uSimakade ngezinqama eziyinkulungwane, nangezinkulungwane ezilishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunikela ngezibulo lami yini ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami na?


Makungafunyanwa muntu phakathi kwenu onikela ngendodana yakhe noma ngendodakazi yakhe ngokuyidabulisa emlilweni, noma umbhuli, ohlola imihlola, owenza imilingo, noma umlumbi,


Kepha babeka izinengiso zabo endlini ebizwa ngeGama lami, ukuba bayingcolise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite