Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 7:30 - IsiZulu 2020

30 “ ‘Abantu bakwaJuda benzile okubi phambi kwami,’ kusho uSimakade. ‘Babeke izinto zabo ezinengisayo endlini ebizwa ngeGama lami ukuba bayingcolise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 “ ‘Ngokuba abantwana bakwaJuda benzile okubi emehlweni ami, usho uJehova; bazibekile izinengiso zabo endlini ebizwe ngegama lami zokuba bayingcolise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngokuba abantwana bakwaJuda benzile okubi emehlweni ami,” usho uJehova, “babekile izinengiso zabo endlini ebizwa ngegama lami ukuba bayingcolise.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 7:30
20 Referans Kwoze  

Ukukhazimula kwemvunulo yakho kwaba ngukuziqhenya, benza ngakho izithombe zabo ezinengekayo nezinto zabo ezenyanyekayo, ngalokho ngiyakukwenza kube yinto engcolileyo kubo.


Kepha babeka izinengiso zabo endlini ebizwa ngeGama lami, ukuba bayingcolise.


Uyakuqinisa isivumelwano nabaningi isonto libe linye, imihlatshelo neminikelo ikhawuke phakathi kwesonto, kufike incithakalo ngephiko lesinengiso, kuze kuphele okunqunyiweyo, kuthululelwe phezu kombhubhisi.”


Wabeka umfanekiso wesithombe esibaziweyo ayewenzile endlini kaNkulunkulu, uNkulunkulu ayethe ngayo kuDavide nakuSolomoni, indodana yakhe: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethe phakathi kwezizwe zonke zakwa-Israyeli, ngiyakubeka iGama lami kuze kube phakade.


Wabeka isithombe esibaziweyo sika-Ashera ayesenzile endlini uSimakade ayekhulume ngayo kuDavide noSolomoni indodana yakhe, wathi: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli ukuba ngibeke khona iGama lami, kuze kube phakade.


Wakha ama-althare endlini kaSimakade, uSimakade ayethe ngayo: “EJerusalema, ngizobeka khona igama lami.”


“Abaphrofethi nabaphristi bangcolile, nasendlini yami ngithole inkohlakalo yabo,” kusho uSimakade.


Wasusa onkulunkulu babezizwe nesithombe endlini kaSimakade. Wabhidliza wonke ama-althare ayewakhe entabeni yendlu kaSimakade naseJerusalema, wakulahla konke ngaphandle komuzi.


Ama-althare ayesophahleni lwekamelo eliphezulu lika-Ahazi, elalakhiwe ngamakhosi akwaJuda, nama-althare ayenziwe nguManase emagcekeni omabili endlu kaSimakade, inkosi yawadiliza, yasuka yagijima, yalahla umlotha emfudlaneni iKidroni.


Wabuye wazakha izindawo eziphakemeyo ezazibhidlizwe nguyise uHezekiya, wamisela uBhali i-althare, wagxumeka izigxobo zika-Ashera njengoba kwakwenze u-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, wakhuleka kulona lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.


Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uyise uHezekiya ayezidilizile, wamisela uBhali ama-althare, wenza o-Ashera, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.


Ngalokho ngiyakubakhethela isijeziso esibafanele, ngibehlisele abakwesabayo, ngokuba ngabamemeza, kodwa akwasabela muntu; ngakhuluma, kodwa abalalelanga, kepha benza okubi emehlweni ami, bakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”


Ngizoqala ngokubashaya ngokuphindiwe ngenxa yobubi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto ezinengekayo, ifa lami baligcwalisile ngezinengiso zabo.”


Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBhali esigodini sendodana kaHinomu, ukuba badabulise khona amadodana namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engangingazange ngibayale ngakho, nokungazange kungene emqondweni wami ukuthi bangenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.


“Izimpi ziyakuvela kuyo, zingcolise indlu engcwele, zibhidlize inqaba, zisuse umnikelo waphakade oshiswa imihla yonke, zimise isinengiso esisabisayo.


Wayeselula okufana nesandla, wangibamba ngezinwele zekhanda lami. UMoya wangiphakamisela emkhathini, phakathi komhlaba nezulu; wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema, esivalweni sesango legceke eliphakathi, elibheke enyakatho; yilapho kwakukhona isithombe somhawu, esibanga umhawu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite