Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 7:23 - IsiZulu 2020

23 kodwa ngabayala ngalokhu, ngathi: lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, niyakuhamba ngazo zonke izindlela enganiyala ngazo, ukuze kunihambele kahle konke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 kepha ngabayala kuphela le nto yokuthi: Lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, nihambe ngezindlela zonke enganiyala ngazo ukuba kube kuhle kini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kodwa ngabayala le nto ngathi: Lalelani izwi lami, futhi ngizoba nguNkulunkulu wenu, futhi niyoba ngabantu bami; nihambe ngezindlela zonke enginiyale ngazo, ukuze kube kuhle kini.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 7:23
38 Referans Kwoze  

Wathi: “Uma nililalela ngokucophelela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, nenze okulungileyo emehlweni akhe, nigcine imiyalo yakhe, nigcine zonke izimiso zakhe, angiyukunehlisela zonke izifo engazehlisela abaseGibhithe, ngokuba nginguSimakade oniphilisayo.”


Niyohamba njalo endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile futhi kube kuhle kini, zande izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.”


Siyakulilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye, noma ngabe lihle noma libi, ukuze kusihambele kahle, siyakulilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu.”


okuthe esephelelisiwe waba ngumthombo wensindiso yaphakade kubo bonke abamlalelayo.


Yizwa-ke Israyeli, uqikelele ukukwenza, ukuze kube kuhle kuwe, nande kakhulu, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wokhokho bakho akuthembisa izwe elichichima ubisi noju.


umthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kuwe nobude bezinsuku zakho, uyohlala ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, ukuthi uyakubanika lona.”


“Niyolandela uSimakade uNkulunkulu wenu, nimesabe, nigcine imiyalo yakhe, nilalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.


engayala ngaso okhokho benu mhla ngibakhipha eGibhithe, esithandweni sensimbi, athi: “Yizwani izwi lami, nikwenze konke lokho enginiyala ngakho, niyoba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wenu;


Sengathi kungaba njalo enhliziyweni yabo, bangesabe, bayigcine njalo yonke imiyalelo yami, ukuze kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


nakho konke okujulileyo okuziphakamisayo ukuze kumelane nokumazi uNkulunkulu, kepha sithumba yonke imicabango ukuze ilalele uKhristu.


bese uphendukela kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngenhliziyo yakho yonke nangawo wonke umphefumulo wakho, ulalela izwi lakhe njengakho konke engikuyala ngakho namuhla, wena nabantwana bakho,


Ngokuba okhokho benu ngabayala nokubayala ngosuku engabakhuphula ngalo eGibhithe, kuze kube namuhla, ngabayala ngathi: “Lalelani izwi lami.”


Uyakuphenduka, ulalele izwi likaSimakade, uyenze yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla.


Kepha manje esibonakalisiwe ngemibhalo yabaphrofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa.


lwalunjani usuku owema ngalo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho eHorebhe, lapho uSimakade athi kimi: ‘Ngiqoqele abantu ukuze ngibazwise amazwi ami, bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, futhi bawafundise nabantwana babo.’


“Kepha yilesi isivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli, emveni kwalezo zinsuku,” kusho uSimakade: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Isibusiso, uma niyilalela imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla.


“ ‘Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekuyalile, ukuze izinsuku zakho zibe zinde, kube kuhle kuwe ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


UMose wathi: “Yileli izwi uSimakade aniyala ngalo, ethi: ‘Makugcinwe i-omeri eligcwele lalokhu ukuze izizukulwane zenu zibone ukudla enganondla ngakho ehlane, lapho nginikhipha eGibhithe.’ ”


USamuweli wathi: “USimakade uyayenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaSimakade na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.


Awuwuthandi umhlatshelo nomnikelo wokudla. Izindlebe zami uzigeqile. Umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.


“Kwangathi abantu bami bangangizwa, u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.


Tshelani abalungileyo ukuthi kuyobahambela kahle, ngokuba bayokudla izithelo zezenzo zabo.


Njengalokhu indwangu yasokhalo inamathela okhalo lomuntu, kanjalo ngiyenze indlu yonke yakwa-Israyeli, nayo yonke indlu yakwaJuda ukuba zinamathele kimi,’ kusho uSimakade, ‘ukuba babe ngabantu bami, ngizenzele ngabo igama, nodumo, nendumiso, kodwa kabalalelanga.’


Usho kanje uSimakade, uthi: “Yenzani ubulungiswa nokulunga, nisindise ophangiweyo esandleni somcindezeli, ningabahlukumezi abafokazi nezintandane nabafelokazi, futhi ningabaphathi kabi, nangesihluku, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo.


Ngiyakubanika inhliziyo yokuba bangiqonde ukuthi nginguSimakade. Bayakuba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wabo, bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.


Kepha uJeremiya, wathi: “Abayukukunikela. Ake ulilalele izwi likaSimakade engilikhuluma kuwe, ukuze kube kuhle kuwe, usindise umphefumulo wakho.


Awulilaleli izwi, awukwemukeli ukuyalwa, awethembeli kuSimakade, awusondeli kuNkulunkulu wawo.


Labo abaphuma kude bayakufika, bakhe ithempeli likaSimakade, niyakukwazi ukuthi nguSimakade Wamabandla ongithumile kini. Lokhu kuyakwenzeka, uma impela nililalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu.”


Akusiwo yini amazwi lawa uSimakade awamemezela ngesandla sabaphrofethi bakuqala, lapho iJerusalema lalihleli ngokuthula, imizi yalo elizungeze nxazonke, iNegevu namagquma kwakuhleli ngokuthula na?’ ”


Uyogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuze kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, ukuze zande izinsuku zakho ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, kuze kube phakade.”


Lowo mphrofethi noma lowo mphuphi wamaphupho uyobulawa, ngokuba ukhulume okunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe. Ngokuba nahlengwa endlini yobugqila, ukuba ningaphambukiswa endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ukuba nihambe ngayo. Niyobususa lobo bubi phakathi kwenu.


Uma belalela, bamkhonze, imihla yabo iyophetha ngempumelelo neminyaka yabo, bethokozile.


abangakwenzi okungalungile, kodwa abahamba ezindleleni zakhe.


Ngakhuluma kuwe kusakuhambela kahle, kepha wathi: ‘Ngeke ngilalele.’ Lokhu kungumkhuba wakho, kwasebusheni bakho; ukuba ungalilaleli izwi lami.


Bangena balidla, kodwa kabalilalenga izwi lakho, abahambanga ngemithetho yakho, konke owawubayale ngakho ukuba bakwenze abakwenzanga; wabe-ke usuwehlisela kubo yonke inhlekelele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite