Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 7:19 - IsiZulu 2020

19 Akuyimi yini abamcunulayo, kusho uSimakade na? Akusibo yini uqobo, abaze bazithela ngehlazo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kepha yimi abangicunulayo yini, usho uJehova: akusibo, buze bujabhe ubuso babo, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Bayangicunula na? usho uJehova; abahlazisi ebusweni babo na?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 7:19
21 Referans Kwoze  

Kanti senza iNkosi ibe nesikhwele na? Ngabe sinamandla yini kunayo na?


Kepha uSimakade unami njengeqhawe elinamandla, ngakho-ke abangizingelayo bayakukhubeka, abayukungehlula; bayakuba namahloni amakhulu, ngokuba abayukuphumelela, nehlazo labo eliphakade aliyukulibaleka.


Ngokuba izwi lesililo lizwakele livela eZiyoni, lithi: ‘Yeka ukubhujiswa kwethu! Sithelwe ngehlazo kakhulu; silishiyile izwe, ngokuba bazidilizile izindlu zethu.’ ”


Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


Bayakujabha bonke ngothi lwabo, babe namahloni, bayokuhamba bedumele bonke abenza izithombe.


Ngakho-ke iNkosi uSimakade Wamabandla, uSomandla ka-Israyeli, uthi: “Impela ngizothululela ulaka lwami ezitheni zami, ngiziphindiselele kuzo.


Kodwa uma nenqaba, futhi nihlubuka, niyodliwa yinkemba,” ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.


Uma wona, wenzani kuye na? Uma wenza iziphambeko eziningi kwenzani kuye lokho na?


Kusukela emihleni yokhokho bethu kuze kube namuhla, sithe shi ezonweni, ngenxa yezono zethu, namakhosi ethu, nabaphristi, sinikelwe emakhosini ezinye izizwe, enkembeni, ekuthunjweni, ekuphangweni nasehlazweni elikhulu, njengoba kunje manje.


Bamenza waba nesikhwele ngonkulunkulu babezizwe, bamthukuthelisa ngezinengiso.


Akunguwe yini oziholele amanzi ngomsele, ngokushiya uSimakade uNkulunkulu wakho ngesikhathi ekuhola endleleni na?


Kuyezwakala izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami, livela ezweni elikude, lithi: “USimakade akekho yini eZiyoni na? Inkosi yalo ayikho yini kulo na?” “Bangichukuluzeleni ngezithombe zabo ezibaziweyo, nangokuyize kwabezizwe na?”


Owazala abayisikhombisa usedangele, uyakhefuzela efuna umoya; ilanga limshonele emini; unamahloni, uyayangaza. Insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni, phambi kwezitha zabo,” kusho uSimakade.


Umoya uyakubelusa bonke abelusi bakho, nezithandwa zakho ziyakuthunjwa; impela uyakuba namahloni, ujabhe ngenxa yabo bonke ububi bakho.


“Kepha aningilalelanga, ningicunulile ngemisebenzi yezandla zenu, nazigwaza ngowenu,” kusho uSimakade.


ngenxa yobubi babo ababenzayo, bachukuluza ulaka lwami, ngokuhamba bayoshisa impepho, bakhonza abanye onkulunkulu abangazange babazi bona, nani, nokhokho benu.


Wafeba nabaseGibhithe, omakhelwane bakho, abagcwele inkanuko enkulu, wandisa ubufebe bakho ukuba ungichukuluze, ukuze ngithukuthele.


Masilale phansi sinamahloni, ihlazo lethu lisisibekele, ngokuba sonile kuSimakade uNkulunkulu wethu, thina nokhokho bethu, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite