Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 7:13 - IsiZulu 2020

13 Ngakho-ke ngenxa yokuthi nenze zonke lezi zenzo, kusho uSimakade, nakuba bengikhuluma ngingaphezi, anilalelanga; nganibiza kodwa anisabelanga, kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Manje ngokuba niyenzile yonke le misebenzi, usho uJehova, ningalalelanga, noma ngakhuluma njalonjalo, nganibiza, ningaphendulanga,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Manje, ngenxa yokuba nenzile yonke le misebenzi, uJehova uyakhuluma, futhi ngakhuluma kini, ngavuka ekuseni ngakhuluma, kodwa anilalelanga; ngalibiza, kodwa aniphendulanga;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 7:13
27 Referans Kwoze  

ngiyakunigweba ngenkemba, nonke niyokhothamela ukuhlatshwa, ngokuba ngesikhathi nginibiza, aniphendulanga; nalapho ngikhuluma, aningizwanga; kodwa nenze okubi emehlweni ami, nakhetha lokho engingathokozi ngakho.”


Kusukela ngosuku okhokho benu abaphuma ngalo eGibhithe kuze kube namuhla, ngathumela kini zonke izinceku zami, abaphrofethi, ngibathumela imihla namalanga.


Ngenxa yokuba ngimemezile, nenqaba, ngininike isandla sami, kodwa anizange ninake.


“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaphrofethi, ubakhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi kangakanani ngilangazelela ukuqoqa abantwana bakho, ngibakhusele phansi kwamaphiko njengesikhukhukazi sikhusele amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga.


“ ‘Kwathi nakuba ebabiza, kodwa abalalelanga, kanjalo-ke nabo bayakungibiza, kepha angiyukubalalela,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.


Abantu bami baphikelele ukuhlubuka kimi, noma bangambiza kangakanani oPhezukonke, ngeke abaphakamise.


Lapho bebabiza, basuka kubo; bayohlabela oBhali, bashisela nezithombe ezibaziweyo impepho.


Kepha ngathumela kini zonke izinceku zami, abaphrofethi, ngazithumela ngiphindelela, ngithi: ‘Maningakwenzi lokhu okunengekayo engikuzondayo.’


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngizakuletha kuJuda nakuzo zonke izakhamuzi zaseJerusalema konke okubi engikukhulume kubo, ngokuba ngikhulumile kubo kodwa abalalelanga, ngababiza kepha kabasabelanga.’ ”


Ngathumela izinceku zami, abaphrofethi, ngibathuma ngiphindelela, ngithi: “Ake niphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze imisebenzi yenu ibe mihle, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze; yikhona niyakuhlala ezweni engalinika nina nokhokho benu.” “ ‘Kepha aniyibekanga indlebe yenu, aningilalelanga.


“Kusukela onyakeni we-13 wokubusa kukaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube yilolu suku, le minyaka engama-23 izwi likaSimakade lifikile kimi, ngalikhuluma kini ngiphindelela, kodwa anilalelanga.”


Ngokuba okhokho benu ngabayala nokubayala ngosuku engabakhuphula ngalo eGibhithe, kuze kube namuhla, ngabayala ngathi: “Lalelani izwi lami.”


Ngalokho ngiyakubakhethela isijeziso esibafanele, ngibehlisele abakwesabayo, ngokuba ngabamemeza, kodwa akwasabela muntu; ngakhuluma, kodwa abalalelanga, kepha benza okubi emehlweni ami, bakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”


Yini eyenza kungabi bikho muntu lapho ngifika na? Kungani kungasabelanga muntu nalapho nginibiza na? Ngabe isandla sami sifinyeziwe yini ukuba singahlengi na? Noma angisenamandla okukhulula na? Ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane, izinhlanzi zayo zinuke; ngokuba engekho amanzi, ziyofa zibulawa wukoma.


Njengalokhu indwangu yasokhalo inamathela okhalo lomuntu, kanjalo ngiyenze indlu yonke yakwa-Israyeli, nayo yonke indlu yakwaJuda ukuba zinamathele kimi,’ kusho uSimakade, ‘ukuba babe ngabantu bami, ngizenzele ngabo igama, nodumo, nendumiso, kodwa kabalalelanga.’


nilalele amazwi ezinceku zami, abaphrofethi engibathumele kini, ngibathumela ngiphindelela, kodwa nina nangabalalela,


Nakuba ngabafundisa, ngabaxwayisa ngiphindelela, nokho bangifulathela, abazange babheke kimi, abazange bangilalele futhi kabakwemukelanga ukuyalwa.


‘Amazwi kaJonadaba, indodana kaRekhabhi, agciniwe, ayala ngawo abozalo lwakhe ukuba bangaliphuzi iwayini; kuze kube namuhla abaliphuzanga, ngokuba bawulalela umyalo kakhokho wabo. Nami ngikhulumile kini ngiphindelela, kodwa kaningilalelanga.


Konke lokhu kungenxa yokuba nashisa impepho ngaleyo ndlela, nona kuSimakade, anililalelanga izwi lakhe, anihambanga ngomthetho wakhe, ngezimiso zakhe, nangezexwayiso zakhe, ngakho-ke le nhlekelele inehlele kuze kube yinamuhla.”


Yizwani lokhu, nina bantu abayiziwula neningenakuqonda; eninamehlo, kodwa aniboni; eninezindlebe, kodwa anizwa.


Ngiyokhuluma kubani, ngixwayise bani, ukuze balalele na? Bheka, izindlebe zabo ezingasokiwe azizwa, izwi likaSimakade seliphenduke ihlazo kubo, abathokozi ngalo.


“ ‘Kepha abalalelanga, abayibekanga indlebe yabo kulo, kodwa bahamba, kwaba yilowo nalowo ngobulukhuni benhliziyo yakhe embi. Ngehlisela phezu kwabo wonke amazwi alesi sivumelwano engabayala ukuba basigcine, kodwa abasigcinanga.’ ”


Laba bantu ababi bayenqaba ukulalela amazwi ami, bahamba ngobulukhuni benhliziyo yabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, nokuba bakhuleke kubo, bazofana nale ndwangu yasokhalo, engasenamsebenzi walutho.


ngokuba abawalalelanga amazwi ami,” kusho uSimakade, “engawathumela kubo ngezinceku zami, abaphrofethi, ngibathumela ngingaphezi; kodwa kanilalelanga,” kusho uSimakade.


UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, bayakuba yimihambima phakathi kwezizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite