Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 7:11 - IsiZulu 2020

11 Ngabe le ndlu ebizwa ngeGama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bhekani, nami ngiyabona, kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Le ndlu ebizwe ngegama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bhekani, nami ngiyakubona, usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Le ndlu ebizwa ngegama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bheka, nami ngikubonile,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 7:11
16 Referans Kwoze  

yebo, nabo ngiyakubayisa entabeni yami engcwele, ngibathokozise endlini yami yokukhuleka. Iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yabo iyokwamukeleka e-althare lami, ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthi iyindlu yokukhuleka yezizwe zonke.”


Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza umhume wabaphangi.”


Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kodwa nina seniyiphendule umhume wabaphangi.”


mawuzwe Wena usezulwini, indawo yakho yokuhlala, wenze njengakho konke ukukhala owezizwe akhala ngakho kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba balazi iGama lakho, bakwesabe Wena njengabantu bakho, u-Israyeli, nokuba bazi futhi ukuthi le ndlu engiyakhileyo ibizwe ngeGama lakho.


Wathi kulabo abathengisa ngamajuba: “Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba ibe yindlu yokuthengiselana.”


“Ukhona yini ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” kusho uSimakade. “Angiligcwalisi yini izulu nomhlaba na?” kusho uSimakade.


Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.


ngokuba benza ubuwula kwa-Israyeli, baphinga nabafazi bomakhelwane babo, bakhuluma amazwi angamanga egameni lami engingabayalanga ngawo; yimi engikwaziyo lokho, ngingufakazi,” kusho uSimakade.


Emiphethweni yezingubo zakho kufunyenwe igazi labampofu abangenacala, nanxa ungazange ubabhadame begqekeza. Phezu kwakho konke lokho,


Niyofika yini nime phambi kwami, kule ndlu ebizwa ngeGama lami, nithi: “Sihlengiwe,” ukuze nenze zonke lezi zinengiso na?


“ ‘ “Nizikhukhumezile kimi ngomlomo wenu, naphindaphinda amazwi enu. Mina ngizwile.” ’ ”


Uma niza phambi kwami, ngubani ofune lokhu esandleni senu ukuba ninyathele emagcekeni ami na?


Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite