Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 6:8 - IsiZulu 2020

8 Xwaya, Jerusalema, funa ngikufulathele, ngikwenze incithakalo, izwe okungahlalwa kulo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Mawuxwayiswe, Jerusalema, funa umphefumulo wami wahlukane nawe, funa ngikwenze incithakalo, izwe elingahlalwa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Mawufundiswe, Jerusalema, ukuze umphefumulo wami ungasuki kuwe; ukuze ngingakwenzi incithakalo, izwe elingahlalwa muntu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 6:8
23 Referans Kwoze  

Noma bangakhulisa izingane zabo, kodwa ngiyakubephuca zona zonke. Maye impela kubo, lapho ngibafulathela!


Wabambula ubufebe bakhe, nobunqunu bakhe. Ngazehlukanisa naye njengoba ngangimlaxazile nodadewabo.


nakuba bengalalelanga, bengayibekanga indlebe kepha bazenza lukhuni izintamo zabo, abalalelanga, futhi abakwemukelanga ukuqondiswa.


Ngathi: ‘Impela uyakungesaba, ukwemukele ukuyalwa.’ Indawo yawo yokuhlala ayiyukushatshalaliswa, kungenzeki konke engiwunqumele khona. Kodwa noma kunjalo, bavuka ekuseni benze inkohlakalo ngazo zonke izenzo zabo.


Nakuba ngabafundisa, ngabaxwayisa ngiphindelela, nokho bangifulathela, abazange babheke kimi, abazange bangilalele futhi kabakwemukelanga ukuyalwa.


ingani uyakuzonda ukuyalwa, amazwi ami uwabukela phansi na?


Lapho ngichezukile, ngazisola, nalapho sengifundisiwe, nganxothoza, ngaba namahloni, yebo, ngajabha, ngokuba ngalithwala ihlazo lobusha bami.’


“Ngizakulenza iJerusalema libe yindunduma yamatshe, nendawo yamakhanka; imizi yakwaJuda ngiyenze ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”


Emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema ngiyakuwuthulisa umsindo wokujabula nowokuthokoza, nezwi lomyeni nelikamakoti, ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.’ ”


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, intukuthelo nolaka kwami ngizokuthululela kule ndawo; phezu kwabantu, izilwane, izihlahla zasendle, nezithelo zomhlaba; kuzakuvutha kungacimeki.


Jerusalema, hlanza ububi obusenhliziyweni yakho, ukuze usindiswe. Kuyoze kube nini imicabango yakho emibi ihleli ezibilini zakho na?


Amabhongo ezingonyama alibhozomela, akhonya, alenza izwe lakhe laba yincithakalo; imizi yakhona iyincithakalo, akukho muntu owakhe kuyo.


Bambelela ekuyalweni, ungakuyeki; kulonde, ngokuba kungukuphila kwakho.


Simakade, ubusisiwe umuntu omyalayo, omfundisa ngomthetho wakho.


Ngakho-ke hlakaniphani nina makhosi; niyaleke nina babusi bomhlaba.


Uma bebehlakaniphile bebeyakukuqonda lokhu, baqonde nesiphetho sabo.


Ngaleso sikhathi izwe liyakuthokoza ngamasabatha alo ngesikhathi lisele liyincithakalo, nina niyobe nisezweni lezitha zenu ngaleso sikhathi; izwe liyakuphumula, lithokoze ngamasabatha alo.


Uyothi kubo: ‘Lesi yisizwe esingazange sililalele izwi likaSimakade uNkulunkulu waso, esingakwemukelanga ukuqondiswa; iqiniso lishabalele, lisusiwe emlonyeni waso.


Yizwa iseluleko, wemukele ukuqondiswa, ukuze ekugcineni uhlakaniphe.


Unina wazifebela, wabakhulelwa ngokwenza ihlazo, ngokuba wathi ngizakuhamba ngilandele izithandwa zami, ezingipha isinkwa sami namanzi ami, uboya bami bezimvu nefilakisi lami, amafutha ami nokuphuzwayo kwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite