Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 6:29 - IsiZulu 2020

29 Indawo engaphansi iyafutha, umthofi udliwe ngumlilo; impela bahlungelwa ize nje, ngokuba ababi abakhishiwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Izifutho ziyafutha, kepha emlilweni kuphuma umthofu kuphela; impela bancibilikisela ize nje, ngokuba ababi abakhishwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Isifutho siyasha, umthofu udliwa ngumlilo; umsunguli uncibilika ngeze, ngokuba ababi abasishulwa.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 6:29
12 Referans Kwoze  

Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu, enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo.


Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”


Abantu bami baphikelele ukuhlubuka kimi, noma bangambiza kangakanani oPhezukonke, ngeke abaphakamise.


“ ‘Ekungcoleni kwakho ngenxa yobufebe ngakuhlambulula, kodwa awuhlambulukanga ekungcoleni kwakho, ngeke uphinde uhlanzeke ngize ngilwanelise ulaka lwami, ngimelene nawe.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye, ngokuba ngizokwenza kanjani ngenxa yesono sabantu bami na?


Kodwa ngase ngithi: “Ngikhandlekele ize, amandla ami ngiwachithele okuyize nokungelutho; nokho ubulungiswa obungifanele bukuSimakade, nomvuzo wami ukuNkulunkulu wami.”


Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando somlilo ngesegolide, kepha nguSimakade ovivinya izinhliziyo.


ukuze ubuqotho bokukholwa kwenu, okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube ngukubongwa, udumo, nokutuseka mhla kwembulwa uJesu Khristu,


Walibuyisela isiliva kunina, unina wathatha izinhlamvu zesiliva ezingama-200, wazinika umkhandisiliva, owenza ngazo isithombe esibaziweyo, nesibunjiweyo, sabekwa endlini kaMikha.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Uma uphenduka, ngiyakukwemukela, uyakuma phambi kwami. Uma uveza okuyigugu phakathi kokungenamsebenzi, uyakuba ngumlomo wami. Yibo abazobuyela kuwe, akusiwena ozophendukela kubo.


Lizikhathazele ize, nokho ukugqwala kwalo okuningi akuphelanga kulo; ukugqwala kwalo makube semlilweni.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite