Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 6:25 - IsiZulu 2020

25 Ningaphumeli endle, ningahambi emgwaqweni, ngokuba isitha sinenkemba, kugcwele ukwesabeka nxazonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Ningaphumeli endle, ningahambi endleleni, ngokuba isitha sinenkemba, navalo nxazonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Ningangeni ensimini, ningahambi endleleni; ngokuba inkemba yesitha nokwesaba kuzungezile.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 6:25
20 Referans Kwoze  

Niyothatha, nithwale amathende abo, imihlambi yabo, amakhethini abo, nazo zonke izimpahla zabo, amakameli abo, nimemeze kubo nithi: ‘Kugcwele ukwesabeka nxazonke.’


Ngizwile ukuhleba kwabaningi, bethi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangani bami sebelinde ukuwa kwami. “Mhlawumbe uyakuyengeka, simehlule, siziphindisele kuye.”


Uma ngiphumela endle, ngibona ababulewe ngenkemba; nalapho ngingena emzini, kunezifo, nendlala, ngokuba umphrofethi nomphristi bahambele ezweni abangazi lutho ngalo.’ ”


Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi, nokwesabisa nxazonke. Baceba amacebo okumelana nami; bahlongoza ukungibulala.


Ingebhe iyasethusa nxazonke, isezithendeni zaso.


Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku lapho izitha zakho ziyakwakha ugange, zikuhaqe, zikuvimbezele macala wonke.


“Sisahlaleleni na? Buthanani, masingene emizini ebiyelweyo, ukuze sibhubhele lapho, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu, usinqumele ukubhujiswa, usiphuzise amanzi anobuthi, ngokuba sonile kuSimakade.


Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Simakade, impela ubakhohlisile laba bantu neJerusalema, wathi: ‘Niyakuba nokuthula,’ kodwa inkemba isemqaleni.”


“Memezelani kwaJuda, nihlabe umkhosi eJerusalema, nithi: ‘Bethani amacilongo ezweni,’ nimemeze, nithi: ‘Buthanani, masihambe siye emizini ebiyelweyo.’


Kodwa uma nenqaba, futhi nihlubuka, niyodliwa yinkemba,” ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.


Ngalezo zikhathi kwakungekho ukuthula nokuphepha kophumayo noma kongenayo, ngokuba kwakukuningi okuphazamisa izakhamuzi zezwe.


“Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Sizwile izwi lokwesaba, nelengebhe futhi akukho ukuthula.


Kepha ngiboneni na? Bayathuthumela, babuyela emuva. Amaqhawe abo ayakunqotshwa, ayabaleka nokubaleka, awasabheki emuva; kukhona ukwesaba nxazonke,” kusho uSimakade.


“Ubabize nxazonke abangesabisayo, kwaba njengasosukwini owawulumisile; akubanga bikho namunye owaphunyula nowasindayo, ngosuku lwentukuthelo kaSimakade. Labo engabazala ngabakhulisa, isitha sami sibaqothulile.”


Besilindele ukuthula, kodwa akukho okuhle; nesikhathi sokuphiliswa, kepha bheka, luvalo lodwa.


Bheka, ngizokwehlisela ukwesaba phezu kwakho,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla, “kuvela kubo bonke abakuzungezileyo; niyakuxoshwa; kube yilowo nalowo abambe eyakhe indlela, kungabi bikho oqoqa ababalekileyo.


Bayakubhinca indwangu eyisaka, uvalo lubasibekele, amahloni abe sebusweni babo bonke, amakhanda abo bonke abe yizimpandla.


Nami luqobo ngiyakushaya izandla, nganelise intukuthelo yami; Mina Simakade ngikhulumile.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite