Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 6:22 - IsiZulu 2020

22 Usho kanje uSimakade, uthi: “Kuzakufika abantu bevela ezweni elisenyakatho; isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, kuvela abantu ezweni elisenyakatho; isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, kuyakuvela abantu ezweni lasenyakatho, kuvele isizwe esikhulu emikhawulweni yomhlaba.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 6:22
18 Referans Kwoze  

Izwi lombiko liyasondela, nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni enyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo ehlala amakhanka.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.


“Bantu bakwaBhenjamini, balekani niyocasha, nisuke eJerusalema, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBhethi Hakeremi, ngokuba inhlekelele ilunguza ivela ngasenyakatho nokubhubhisa okukhulu.


Ngizakwehlisela kini, nina ndlu ka-Israyeli, isizwe esivela kude,” kusho uSimakade; “yisizwe esinamandla, isizwe esidala, isizwe ongalwazi ulimi lwaso, nongakuqondi esikushoyo.


“USimakade uyothumela kuwe isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba, esihlwitha njengokhozi. Kuyoba yisizwe ongayukuluqonda ulimi lwaso,


kodwa uma nibuyela kimi, nibuye nigcine imithetho yami, nenze enganiyala ngakho, ngiyoniqoqa lapho nikhona, nginibuyisele endaweni engayiqokela ukuba iGama lami lihlale kuyo, ngisho noma ngabe nisemikhawulweni yomhlaba.’


Misani ibhanela libheke eZiyoni, nibaleke niyocasha, ningemi, ngokuba ngiyakwehlisa inhlekelele ivela enyakatho, nokubhujiswa okukhulu.”


Phakamisani amehlo enu, nibone abavela enyakatho; uphi umhlambi enaphiwa wona, izimvu zakho ezinhle na?


Usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho, azakuba ngumfula okhukhulayo, azokhukhula izwe nokukulo, umuzi nabakhe kuwo. Abantu bayakukhala; bonke abakhe ezweni bayakukhala, bakhihle isililo.


Intukuthelo yami ngiyakuyithululela phezu kwakho, ngikufuthe ngomlilo wolaka lwami, ngikunikele ezandleni zabantu abanonya, abangongoti bokubhubhisa.


“Xwayisani izizwe ngalokhu; bhekani, kumemezeleni eJerusalema ukuthi abavimbezeli bayeza, bavela kwelikude izwe; bayalizwakalisa izwi labo emizini yakwaJuda.


Umgodla waso ufana nethuna elivulekileyo; sonke singamaqhawe.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bheka, kuzakuphuma inhlekelele esizweni, yedlulele nakwesinye; kuvuswe isivunguvungu esikhulu emikhawulweni yomhlaba.”


“Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Sizwile izwi lokwesaba, nelengebhe futhi akukho ukuthula.


“Ngalokho-ke Oholiba, isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngiyakukuvusela izithandwa zakho, umphefumulo wakho owehlukene nazo, ngizilethe kuwe zivela macala wonke,


Ngokuba niyabona-ke, sengizakuvusa amaKhaledi, isizwe esinonya nesidlovayo, esidabula ebubanzini bomhlaba siyodla izindawo zokuhlala okungesizo ezaso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite