Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 6:12 - IsiZulu 2020

12 Izindlu zabo, amasimu abo nomkabo kuyakunikelwa kwabanye kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhile ezweni,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Izindlu zabo ziyakunikelwa kwabanye, amasimu abo nawomkabo kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhileyo ezweni,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Futhi izindlu zabo ziyodluliselwa kwabanye, kanye namasimu abo nabafazi kanyekanye; ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhileyo ezweni,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 6:12
26 Referans Kwoze  

Ngakho-ke ngizonika abafazi babo abanye, ngibaphuce amasimu abo; ngokuba kusukela ezinganeni kuya kwabadala, bonke bathola inzunzo engabafanele; nabo bonke abaphrofethi nabaphristi baqamba amanga.


Ngenxa yalokho intukuthelo kaSimakade yasivuthela isizwe sakhe, welula isandla sakhe wasishaya. Izintaba ziyathuthumela, nezidumbu zabo ziyimfucuza emigwaqweni; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibohli, isandla sakhe silokhu sishayile.


Ingcebo yabo iyakuba yimpango, nezindlu zabo zibe yincithakalo. Bayakukwakha izindlu, kodwa abayukuhlala kuzo, bayakutshala izivini, kepha abayukuliphuza iwayini lazo.


Badlwengula abesifazane eZiyoni, nezintombi emizini yakwaJuda.


Siyizintandane, asinababa, omama bethu sebefana nabafelokazi.


Ungishaye ephindelela ubusuku nemini, engenqabela ukuba ngisondele kuye.


USimakade wayekuhlosile ukubhubhisa udonga lwendodakazi iZiyoni; welula intambo yokulinganisa, akasibambanga isandla sakhe ekubhubhiseni; washiya imigoqo nezindonga kukhala; kuyincithakalo.


bheka, bonke abesifazane abasele esigodlweni senkosi yakwaJuda bayakukhishelwa ezikhulwini zenkosi yaseBhabhele. Uyabona-ke, bayakuthi: “ ‘Abahlobo bakho bakwedukisile, bakwehlula; kodwa lapho izinyawo zakho sezibishe exhaphozini, babuyela emuva.’


Maningacashi phakathi kwabathunjiweyo, noma phakathi kwababuleweyo, ngoba kukho konke lokhu, ulaka lukaSimakade alukabohli, nangesandla sakhe usashaya.


uManase uphendukele u-Efrayimi, u-Efrayimi waphendukela uManase, bobabili baphendukele uJuda. Kukho konke lokho ulaka lukaSimakade alubohlanga, nesandla sakhe usashaya ngaso.


Ngalokho-ke iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo, ayinasihawu ezintandaneni nakubafelokazi bakhona. Ngokuba yilowo nalowo kubo engenabuNkulunkulu, abenzi bokubi, bonke bakhuluma ubuwula ngemilomo yabo; kukho konke lokhu intukuthelo kaSimakade ayibohli, nesandla sakhe sisashaya.


ama-Aramu ngasempumalanga, namaFilisti ngasentshonalanga, bamsobozela u-Israyeli ngemilomo yabo. Phezu kwakho konke lokho, ulaka lukaSimakade alukabohli, isandla sakhe sisashaya.


UDavide waphakamisa amehlo akhe wayibona ingelosi kaSimakade imi emkhathini womhlaba nezulu, ikhokhe inkemba esandleni sayo iyelulele phezu kweJerusalema. UDavide namalunga babembethe ingubo yesaka base bekhothama bathi mbo ngobuso.


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, intukuthelo nolaka kwami ngizokuthululela kule ndawo; phezu kwabantu, izilwane, izihlahla zasendle, nezithelo zomhlaba; kuzakuvutha kungacimeki.


Wena ungishiyile,” kusho uSimakade, “wabuyela emuva; ngiselulile isandla sami kuwe, ngakubhubhisa, ngikhathele ukukuhawukela.


Mina ngiyakulwa nani ngesandla esiluliweyo, nangengalo enamandla, ngentukuthelo, ngokufutheka nangolaka olukhulu.


“Bonke abafazi bakho nezingane zakho bayobayisa kumaKhaledi. Wena awuyukuphunyuka esandleni sabo, kodwa isandla senkosi yaseBhabhele siyakukubamba, nalo muzi ushiswe ngomlilo.”


uthi kuyo, ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngimelene nawe ntaba iSeyiri; ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikushaye, ngikwenze ube yincithakalo neze.


Ngalolo lusuku bayakusho isaga ngani, bakhihle isililo, bethi: ‘Kuphelile, kuphele nya ngathi; isabelo sabantu bami sinikwe abanye abantu! Maye, usithathile kimi, amasimu ethu wawabela amahlubuka!’ ”


“Ngiyakwelula isandla sami ngishaye uJuda nabo bonke abakhileyo eJerusalema. Ngiyakuqeda nya insali kaBhali kule ndawo, negama labaphristi bonkulunkulu nabaphristi babo,


Ifa lethu seliphendulwe laba ngelabafokazi, izindlu zethu zaba ngezabezizwe.


Ngiyakuletha abantu abakhohlakele bezizwe, bayakudla izindlu zabo; ngikuqede ukuzidla kwabanamandla, izindawo zabo ezingcwele zingcoliswe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite