Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 6:11 - IsiZulu 2020

11 Ngakho-ke ngigcwele ulaka lukaSimakade, ngikhathele ukuzibamba. “Luthululele phezu kwabantwana emigwaqweni, nasemhlanganweni wezinsizwa, indoda nomkayo bayakubanjwa kanjalo abadala nabagugileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova, ngikhathele ukunyamezela. “Kuthululele phezu kwabantwana ezitaladini, nasemihlanganweni yezinsizwa kanyekanye, ngokuba nendoda iyakuthathwa nomkayo, ogugileyo kanye nozinsuku zakhe zigcwele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova; ngikhathele ukuzibamba; ngiyakuthululela phezu kwabantwana bangaphandle naphezu kwenhlangano yezinsizwa kanyekanye;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 6:11
22 Referans Kwoze  

Lapho ngithi: “Angisayukumkhumbula, angisayukukhuluma egameni lakhe,” izwi lakhe linjengomlilo ovuthayo enhliziyweni yami, ovalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukulibamba, angikwazi.


Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu, kungene ezinqabeni zethu, kubulala izingane emigwaqweni, nezinsizwa ezigcawini.


Kodwa mina ngigcwele amandla ngoMoya kaSimakade, ubulungiswa nesibindi, ukuba ngitshele uJakobe ngesiphambeko sakhe no-Israyeli ngesono sakhe.


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ethempelini, lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: “Hambani nithululele emhlabeni izitsha eziyisikhombisa zolaka lukaNkulunkulu.”


Kwathi sekufike uSila noThimothewu bevela eMakhedoniya, uPawula wagxila kakhulu ezwini, efakaza kubaJuda ngokuthi uJesu unguKhristu.


Kuthe uPawula esabalindile e-Athene, umoya wakhe wathinteka kakhulu lapho ebona umuzi ugcwele izithombe.


ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.”


Ngithi kini: ngalobo busuku, kuyakuba khona ababili embhedeni munye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.


Niyobulala niqede nya amaxhegu, izinsizwa, izintombi, izingane nabesifazane, kodwa ningasondeli kumuntu onophawu; niyakuqala endlini yami engcwele.” Amalunga aqala ngamadoda ayephambi kwendlu.


Umoya wawusungiphakamisa, wangisusa. Ngahamba nginomunyu nokuthukuthela emoyeni wami, isandla sikaSimakade sasinzima phezu kwami.


Ngakho-ke nikela abantwana babo endlaleni, ubanikele emandleni enkemba; abafazi babo bangabi nabantwana, babe ngabafelokazi, amadodana abo abulawe wubhubhane, nezinsizwa zabo zibhuqwe ngenkemba empini.


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, intukuthelo nolaka kwami ngizokuthululela kule ndawo; phezu kwabantu, izilwane, izihlahla zasendle, nezithelo zomhlaba; kuzakuvutha kungacimeki.


Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa,


Wena ungishiyile,” kusho uSimakade, “wabuyela emuva; ngiselulile isandla sami kuwe, ngakubhubhisa, ngikhathele ukukuhawukela.


Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo, futhi angizange ngithokoze; ngahlala ngedwa ngenxa yobunzima besandla sakho, ngokuba ungigcwalise ngentukuthelo.


“INkosi uSimakade iwalaxazile onke amaqhawe ami, ibize imbizo ukuze imelane nami; ifihlize izinsizwa zami, kuhle kwesikhamo sewayini inyathele intombi eyindodakazi yakwaJuda.


“Abancane nabadala badindilize emigwaqweni; izintombi nezinsizwa zami ziwe ngenkemba. Uzibulale ngosuku lwentukuthelo yakho; wazibulala ngokungenaluzwelo.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, sidlise isisu sakho, izibilini zakho uzigcwalise ngalo mqulu engikunika wona.” Ngawudla, waba mnandi njengoju emlonyeni wami.


‘Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: uyabona-ke, sengizoyingcolisa indlu yami engcwele; ukuzigabisa ngamandla enu, ukunxanela kwamehlo enu, nokuthanda kwempilo yenu. Amadodana namadodakazi enu eniwashiyile, ayakudliwa yinkemba.


Angiyukubajezisa yini ngenxa yalokho na?” kusho uSimakade. “Umphefumulo wami awuyukuziphindiselela yini esizweni esifana nalesi na?


Yizwani izwi likaSimakade nina besifazane, izindlebe zenu zilamukele izwi eliphuma emlonyeni wakhe, nifundise amadodakazi enu iculo lesililo, kube yilowo nalowo afundise umakhelwane wakhe ukukhihla isililo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite