Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 6:10 - IsiZulu 2020

10 Ngiyokhuluma kubani, ngixwayise bani, ukuze balalele na? Bheka, izindlebe zabo ezingasokiwe azizwa, izwi likaSimakade seliphenduke ihlazo kubo, abathokozi ngalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngiyakukhuluma kubani, ngifakaze ukuba bezwe, na? Bheka, izindlebe zabo azisokile, abanakulalela; bheka, izwi likaNkulunkulu seliyihlazo kubo, abathokozi ngalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngizokhuluma nobani ngibaxwayise ukuze bezwe? bheka, izindlebe zabo azisokile, futhi abezwa; bheka, izwi likaJehova liyihlazo kubo; kabathokozi ngakho.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 6:10
40 Referans Kwoze  

“Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu.


Izwe ngeke linizonde nina, kodwa Mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.


Nokho abazange bangilalele, abayibekanga indlebe yabo kimi, kodwa bazenza lukhuni izintamo zabo; benza okubi ukwedlula okhokho babo.’


Ngokukholwa, uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, ehlonipha uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, ngokwenza kanjalo wawehlulela umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.


Ngubani owakholwa ngesikuzwileyo; ingalo kaSimakade yambulelwa bani na?


Kepha uMose waphendula uSimakade, wathi: “Abantu abazange bangilalele; uzongilalela kanjani uFaro nginezindebe ezingasokwanga kanje na?”


Ngokuba kuyakufika isikhathi abangayukuyamukela ngaso imfundiso elungileyo, kodwa bayakuzibuthela abafundisi ngokwezinkanuko zabo nangokubatshwa kwezindlebe zabo.


OkunguYena esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sibafundisa bonke abantu ngokuhlakanipha konke, ukuze sethule wonke umuntu ephelele kuKhristu,


nokho ngiyawuthanda umthetho kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi.


Wayeseguqa phansi, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nkosi, ungababaleli lesi sono.” Esekushilo lokho walala ubuthongo.


Abanye babaFarisi ababekhona lapho bakuzwa lokho, base bethi kuye: “Pho nathi siyizimpumputhe yini na?”


Izazimthetho nabaphristi bafuna ukumbamba ngezandla khona lapho, kodwa besaba abantu, ngokuba babazi ukuthi ukhulume lo mzekeliso ewuqondise kubo.


Omunye wezazimthetho wayesephendula, wathi kuye: “Mfundisi, uma ukhuluma kanje phela, uyaseyisa thina.”


Kepha kwathi lapho ebona abaFarisi nabaSadusi abaningi beza embhabhadisweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayise ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?


U-Amaziya umphristi waseBhethele wathumela kuJerobhowamu inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “U-Amose ukwakhele uzungu kubantu bakwa-Israyeli; izwe alinakumelana nawo wonke amazwi akhe.


Kepha uma umxwayisile omubi ukuba ayishiye indlela yakhe, nokho yena akaze ayishiya indlela yakhe, uyakufa nokufa ngenxa yobubi bakhe, kodwa wena uyakube uyihlengile impilo yakho.


kuyothi lapho yena esebona kwehlela inkemba phezu kwezwe, ashaye icilongo, axwayise abantu.


Zisokeleni uSimakade, nisuse amajwabu ezinhliziyo zenu, nina bantu bakwaJuda, nani zakhamuzi zaseJerusalema, funa intukuthelo yami iphume njengomlilo, ivuthe, kungabi bikho oyicimayo, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Ngiyayilangazelela insindiso yakho, Simakade; umthetho wakho uyintokozo yami.


Ububele bakho mabuze kimi, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami.


Inhliziyo yabo ilukhuni, abezwa lutho, kodwa mina ngithokoza ngomthetho wakho.


Ngihambise endleleni yemiyalo yakho, ngokuba ngiyathokoza ngayo.


Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumeluleki wami.


Ngizothokoza ngezimiso zakho; angiyukulikhohlwa izwi lakho.


Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”


kodwa othokoza ngoMthetho kaSimakade, azindle ngawo imini nobusuku.


Kepha uSimakade akaninikanga inhliziyo yokuba nazi, namehlo okuba nibone, nezindlebe zokuba nizwe kuze kube yinamhlanje.


Yizwani lokhu, nina bantu abayiziwula neningenakuqonda; eninamehlo, kodwa aniboni; eninezindlebe, kodwa anizwa.


iGibhithe, uJuda, u-Edomi, abantu bakwa-Amoni, uMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo, abakhe ehlane. Ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”


Ubonile izinto eziningi, kodwa awuqaphelanga; nezindlebe zakho zivulekile, kodwa awuzwanga.”


Ngakho-ke ngenxa yokuthi nenze zonke lezi zenzo, kusho uSimakade, nakuba bengikhuluma ngingaphezi, anilalelanga; nganibiza kodwa anisabelanga, kusho uSimakade.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: hamba uthi kubo bonke abakwaJuda nezakhamuzi zaseJerusalema, uthi: ‘Aniyukukwamukela yini ukuyalwa ukuba nigcine amazwi ami na?’ kusho uSimakade.


Kepha indlu yakwa-Israyeli ayiyukukulalela futhi ayizimisele ukungilalela nami, ngokuba yonke indlu yakwa-Israyeli inebunzi elilukhuni nenhliziyo eqinile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite