Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 52:1 - IsiZulu 2020

1 UZedekiya waqala ukubusa eneminyaka engama-21, wabusa iminyaka eli-11 eJerusalema. Igama likanina kwakunguHamuthali, indodakazi kaJeremiya waseLibhina.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; igama likanina lalinguHamuthali indodakazi kaJeremiya waseLibina.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; Igama likanina lalinguHamuthali, indodakazi kaJeremiya, waseLibina.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 52:1
12 Referans Kwoze  

UZedekiya wayeneminyaka engama-21 ngesikhathi eba yinkosi. Wabusa eJerusalema iminyaka eli-11. Igama likanina kwakunguHamithali, indodakazi kaJeremiya waseLibhina.


UJoshuwa wasuka eMakheda nabo bonke abakwa-Israyeli, baya eLibhina, balwa nalo.


UZedekiya wayeneminyaka engama-21 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka eli-11 eJerusalema.


Abakwa-Edomi base behlubuka-ke phansi kwesandla sakwaJuda kuze kube namuhla. Kwahlubuka futhi neLibhina ngaso leso sikhathi.


ILibhina, i-Ethere, i-Ashani,


UJehowahazi wayeneminyaka engama-23 lapho eba yinkosi, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema. Igama likanina kwakunguHamuthali, indodakazi kaJeremiya waseLibhina.


Wabuya uRabi Shake, wafumana inkosi yase-Asiriya ilwa neLibhina, ngokuba wayezwile ukuthi isukile eLakhishi.


Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, ngesikhathi inkosi uZedekiya ithumele uPhashuri kaMalikhiya noZefaniya, indodana kaMahaseya, umphristi, ethi kuye:


Izwi uJeremiya, umphrofethi, ayala ngalo uSeraya, indodana kaNeriya kaMakhaseya, ngesikhathi ehamba noZedekiya, inkosi yakwaJuda, beya eBhabhele, ngonyaka wesine wokubusa kwakhe. USeraya wayeyisikhulu sezindawo zokuphumula.


Kwathi ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kukaZedekiya, ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwayo, kwafika uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, eJerusalema nayo yonke impi yakhe. Bakanisa maqondana nalo; bakha khona udonga lokuvimbezela, nxazonke.


Ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwenkosi uZedekiya kwaJuda, ngenyanga yeshumi, inkosi uNebukhadinezari waseBhabhele nayo yonke impi yakhe, bafika eJerusalema, balivimbezela.


Ngalokho uyakuthulula inetha lakhe, aqhubeke nokubhubhisa izizwe, angashiyi namunye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite