Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 51:9 - IsiZulu 2020

9 “Ngabe silelaphile iBhabhele, kodwa alelapheki, lishiyeni, masihambe, kube yilowo nalowo aye ezweni lakubo, ngokuba ukwehlulelwa kwalo kufinyelela ezulwini, kuphakanyiselwe nasemafini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Besiyakuliphilisa iBabele, kepha aliphiliswanga; lishiyeni, masihambe siye, kube yilowo nalowo ezweni lakubo, ngokuba ukwahlulelwa kwalo kufinyelela ezulwini, kuphakanyisiwe nasemafwini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Besiyakuphulukisa iBabele, kepha aliphulukisanga; mshiyeni, sihambe, yilowo nalowo aye ezweni lakubo, ngokuba ukwahlulelwa kwalo kufinyelele ezulwini, kukhuphukele ezulwini.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 51:9
13 Referans Kwoze  

Ngokuba izono zalo sezifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo.


Nqumani umhlwanyeli eBhabhele nophethe isikela ngesikhathi sokuvuna; ngenxa yenkemba yomcindezeli, yilowo nalowo abuyele kubantu bakubo, abalekele ezweni lakubo.


Bayophendukela kubantu bakubo njengensephe ehujwayo, nanjengezimvu ezingaqoqwa muntu, babaleke, yilowo nalowo aphindele ezweni lakubo.


Uyakukhubekisa izindimbane, yebo, bayakuwa omunye ewela phezu komunye, bathi: ‘Vukani, masibuyele kwabakithi, ezweni esidabuka kulo; sibaleke enkembeni yomcindezeli.’


ngathi: “Nkulunkulu wami, nginamahloni, ngihlazeke kakhulu, ngesaba ngisho ukubheka kuwe, Nkulunkulu wami, ngokuba izono zethu sezedlula amakhanda ethu, necala lethu selifinyelela emazulwini.


Ngisho namabutho alo aqashiwe, aphakathi kulo, anjengamathole akhuluphalisiweyo; nawo aphenduka abaleka kanyekanye, awazange eme ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selufikile; isikhathi sokujeziswa kwabo.


“Ukuvuna sekwedlulile, ihlobo liphelile, kodwa thina asisindiswanga.”


Zinjalo-ke kuwe lezo zinto obuzikhandlekela, ebezihambisana nawe kwasebusheni bakho, yileyo naleyo iyazulazula endleleni yayo, ayisekho engakusiza.”


Kwakukhona umphrofethi kaSimakade ogama lakhe kwakungu-Odedi. Waphuma wahlangabeza impi eyase ibuyela eSamariya, wathi kuyo: “Bhekani, uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu ubemthukuthelele uJuda, ngakho-ke wamnikela esandleni senu; nina nibabulele ngentukuthelo eze yafinyelela ezulwini.


Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Bantu bami, phumani kulo, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zalo, futhi ningehlelwa yizinhlupheko zalo.


Maye kubo, ngokuba bangibalekele! Bazokwehlelwa yinhlekelele, ngokuba bangihlubukile. Bengiyakubahlenga Mina, kodwa bakhulume amanga ngami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite