Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 51:43 - IsiZulu 2020

43 Imizi yakhona ibhujisiwe; sekuyizwe elomileyo, nehlane; izwe elingasahlalwa muntu, ngisho nendodana yomuntu ingedlule kulo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 Imizi yalo ichithekile; yizwe elomileyo, nehlane, izwe elingahlalwa muntu, kungadluli kulo indodana yomuntu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

43 Imizi yakhe iyihlane, izwe elomileyo nehlane, izwe okungahlali muntu kulo, kungekho ndodana yomuntu edabula kulo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 51:43
12 Referans Kwoze  

Abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade owasikhuphula eGibhithe, wasihola ezweni eliyihlane nogwadule; izwe lemigodi, nesomiso, ezweni lethunzi lokufa, elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona na?’


Aliyukubuye lihlale muntu, akusekho muntu oyokwakha kulo, izizukulwane ngezizukulwane, umArabhu akayukukanisa kulo, nabelusi abayukulala lapho nemihlambi yabo.


Umhlaba uyathuthumela, uqhaqhazele; ngokuba inhloso kaSimakade ngeBhabhele izofezeka, enze iBhabhele libe yincithakalo, ukuze kungabi bikho ohlala kulo.


IBhabhele liyakuba yizindunduma zamatshe, indawo ehlala amakhanka; incithakalo nento enximfelwayo, kungabi bikho ohlala khona.


kodwa unyoko owakuzalayo uyakujabha kakhulu, ayangaze. Bheka, uyakuba yisizwe sokugcina, ihlane, umhlabathi owomileyo, nogwadule.


Wozani, nibone imisebenzi kaSimakade, incithakalo ayehlisele emhlabeni.


Kodwa ububi buyakukwehlela, awuyukwazi lapho buvela khona; nengozi iyakuwela phezu kwakho, awuyukuba namandla okuyivika; incithakalo iyokwehlela phezu kwakho ngokuzumayo, ungazi.


uthi: ‘Simakade, Wena ukhulumile ngale ndawo ukuthi uzoyiqeda ukuze kungabi bikho muntu nasilwane okuhlala kuyo, ngoba izokuba yihlane, kuze kube phakade.’


Kuyakumila ameva namakhakhasi ezindlini zamakhosi akhona, izinqaba zalo zibe yikhaya lezimpisi, nendawo yezintshe.


benze izwe labo laba yincithakalo nento enximfelwa njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite