Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 51:42 - IsiZulu 2020

42 Ulwandle lwenyukele eBhabhele, lwalisibekela ngamaza alo ahlokomayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

42 Ulwandle lukhuphukele iBabele, lisibekelwe ngamaza alo ahlokomayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

42 Ulwandle lunyukile phezu kweBabiloni, lisitshekelwe ngamaza alo amaningi.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 51:42
15 Referans Kwoze  

Emva kwalawo masonto angama-62 ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.


“Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni, enyangeni, nasezinkanyezini. Izizwe emhlabeni zehlelwe usizi nokudideka ngenxa yokuhlokoma kolwandle nokudlanga kwamaza alo.


Ngokuba uSimakade uyalibhubhisa iBhabhele, awuqede umsindo omkhulu kulo. Amaza alo ahlokoma njengamanzi amaningi, kuzwakala nomsindo wokuhlokoma kwawo.


Simakade, imifula iholoba ngamandla, imifula iholoba kakhulu, imifula iduma ngamandla amakhulu.


othulisa ukuduma kwezilwandle, inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.


Lapho kuhlokoma izimpophoma zakho, utwa luyenanelana, wonke amadlambi namaza akho, kudlange kwangaphezu kwami.


USimakade welule isandla sakhe esezulwini, wangixhakathisa, wangidonsa, engikhipha ezikhukhuleni ezesabekayo.


Izintambo zokufa zangizungeza, izikhukhula zembubhiso zangikhungatha.


Isiphrofetho ngehlane eligudle ulwandle. Njengesiphepho sivunguza eningizimu, kukhona ozayo ovela ehlane, ezweni elesabekayo.


ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngiphezu kwakho Thire; ngiyakwenyusela kuwe izizwe eziningi njengolwandle lugubha amagagasi, zimelane nawe.


Amadodana ayo ayakuhloma, abuthe isixuku sezimpi eziningi; ziyakufika nokufika, zikhukhule, zidlule; ziyakubuya, zilwe kuze kube senqabeni yayo.


UDaniyeli wathatha wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku; bheka, imimoya yomine yezulu yavumbuluka olwandle olukhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite