Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 51:4 - IsiZulu 2020

4 Bayakuwa begwaziwe ezweni lamaKhaledi, bemanxebanxeba emigwaqweni yalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bayakuwa bebulewe ezweni lamaKaledi, begwaziwe ezitaladini zalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kanjalo ababuleweyo bayakuwa ezweni lamaKaledi, nabagwaziweyo ezitaladini zalo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 51:4
6 Referans Kwoze  

Ngakho-ke izinsizwa zakhona ziyakuwa ezindaweni ezivulekileyo, nawo wonke amaqhawe empi abulawe ngalolo lusuku,” kusho uSimakade Wamabandla.


Ngalokho izinsizwa zalo ziyakuwa emigwaqweni yalo, nawo wonke amabutho alo ayakubhujiswa ngalolo lusuku,” kusho uSimakade.


Bonke abayotholwa bayogwazwa, nabayobanjwa, badliwe yinkemba.


Inkemba ifike phezu kwamahhashi alo, izinqola zalo, naphezu kwayo yonke ingxubevange yabantu ekulo, babe njengabesifazane; inkemba ifike phezu kwengcebo yalo, ize iphangwe.


Kodwa wena ulahlwe ngaphandle kwethuna lakho njengegatsha elinengekayo, ligqokwe ngababuleweyo, abagwazwe ngenkemba, behlela emgodini wamatshe njengesidumbu esinyathelweyo.


“Ngisho noma iBhabhele lingafinyelela esibhakabhakeni, liyiqinise inqaba yalo ephakemeyo, nokho ngiyakuthumela ababhubhisi, balithelekele,” kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite