Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 51:3 - IsiZulu 2020

3 Ningamniki thuba lokuciba ngomnsalo wakhe owaseBhabhele, makangahlomi ngezikhali zakhe. Izinsizwa zalo ningazisindisi, niwaqede nya amabutho alo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ocibishelayo uyakunsala umnsalo kogoba umnsalo khona, nakuye oziphakamisa ngebhantshi lakhe lensimbi; ningasindisi izinsizwa zalo, niqede nya impi yalo yonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Umcibisholo makawunsabe umnsalo phezu kocibishelayo, noziphakamisayo emibukweni yakhe; futhi akazihawukeli izinsizwa zawo; bhubhisa yonke impi yalo ngesiqalekiso esichithayo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 51:3
12 Referans Kwoze  

“Nina nonke eninsala imicibisholo, manini ngomumo, nimelane neBhabhele, nilicibe, ningayigodli imicibisholo, ngokuba lonile kuSimakade.


Bophelani amahhashi, nigibele amahhashi empi, nime ngomumo; nifake izigqokozivikeli, nemikhonto eloliwe, nembathe namabhantshi ensimbi.


“Hlasela izwe eMerathayimi, nalabo abakhileyo ePhekodi, babulale, ubaqede nya, ungashiyi lutho, ukwenze konke engikuyale ngakho,” kusho uSimakade.


Ngokuba ukwehlulela akuyukuba nasihawu kulowo ongabanga nesihe; isihawu siyakunqoba phezu kokwehlulela.


Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehle ziyohlatshwa. Maye kuzo! Ngokuba usuku lwazo selufikile; isikhathi sokujeziswa kwazo.


Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu, kungene ezinqabeni zethu, kubulala izingane emigwaqweni, nezinsizwa ezigcawini.


Ubusisiwe obamba izingane zakho aziphahlaze edwaleni.


Emigwaqweni inkemba iyodla lubi, emakamelweni kubhoke uvalo: ezinsizweni nasezintombini, koncelayo nasempungeni.


“Ngisho noma iBhabhele lingafinyelela esibhakabhakeni, liyiqinise inqaba yalo ephakemeyo, nokho ngiyakuthumela ababhubhisi, balithelekele,” kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite