Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 51:21 - IsiZulu 2020

21 ngawe ngiphahlaze ihhashi nomgibeli walo, ngawe ngiphahlaze inqola nogibele kuyo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 ngiphahlaze ngawe ihhashi nenkweli yalo, ngiphahlaze ngawe inqola nohamba ngayo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngiyakuchoboza ngawe ihhashi nomgibeli walo; ngiyakuchoboza ngawe inqola nomgadi wayo;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 51:21
14 Referans Kwoze  

UMose nabantu bakwa-Israyeli bahuba leli hubo kuSimakade, bathi: “Ngizohlabelela kuSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.


Bayakuba njengamaqhawe enyathela udaka emigwaqweni lapho kuliwa. Bayakulwa, ngokuba uSimakade ungakubo, bathelwe ngehlazo abagibeli bamahhashi.


USimakade uthi: “Ngalolo lusuku ngiyakushaya wonke amahhashi ngokudideka, nabagibeli bawo ngokuhlanya. Ngiyakuvula amehlo ami phezu kwendlu yakwaJuda ngiyihawukele, kodwa wonke amahhashi ezizwe ngiyakuwashaya ngobumpumputhe.


ngigumbuqele izihlalo zobukhosi zemibuso, ngiwaqede amandla emibuso yabezizwe, ngiketule izinqola nabagibele kuzo; afumbeke phansi amahhashi nabagibeli bawo, kube yilowo nalowo adliwe yinkemba yomfowabo.


“Uyabona-ke, ngimelene nawe, ngiyakushisa izinqola zakho entuthwini, inkemba ibhuqabhuqe amawundlu akho, ngiyakuyiqeda nya inyamazane yakho ezweni, nephimbo lezithunywa zakho aliyukuphinde lizwakale,” kusho uSimakade.


USimakade uthi: “Kuyakuthi ngalolo lusuku, nginqume amahhashi akho onawo, ngiqede nya ngezinqola zakho.


ukuze nidle inyama yamakhosi, inyama yezinduna, inyama yamaqhawe, inyama yamahhashi neyabagibele kuwo, inyama yabo bonke abakhululekileyo neyalabo abayizigqila, abancane nabadala.”


Uqeda izimpi kuze kube semikhawulweni yomhlaba, wephula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.


Etafuleni lami niyakudla nisuthe inyama yamahhashi, eyabagibeli bawo, eyamaqhawe, neyawo wonke amabutho empi,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Inkemba ifike phezu kwamahhashi alo, izinqola zalo, naphezu kwayo yonke ingxubevange yabantu ekulo, babe njengabesifazane; inkemba ifike phezu kwengcebo yalo, ize iphangwe.


Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, inqola nehhashi kwehlelwe ngubuthongo.


UMiriyamu wahlabelela wathi: “Hlabelelelani uSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.”


Izinqola zikaFaro nempi yakhe ukuphonse olwandle; izikhulu zakhe ezikhethekileyo uziminzise oLwandle Lomhlanga.


okhipha izinqola zempi; amahhashi, impi, namaqhawe, kulale uyaca kanyekanye kungabe kusavuka. Kucishwe, kucinywe njengentambo yesibani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite