Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 51:15 - IsiZulu 2020

15 “Umhlaba wawenza ngamandla akhe, izwe walimisa ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe weneka izulu. Izulu walendlala ngokuqonda kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Wawenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Wenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, weneka izulu ngokuqonda kwakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 51:15
28 Referans Kwoze  

“Ufanele Wena Nkosi noNkulunkulu wethu ukwemukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wadala izinto zonke, futhi zonke zikhona, zadalwa, ngokuthanda kwakho.”


“Awu, Nkosi Simakade, bheka, nguWena owenza amazulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangezikhwepha zakho, akukho lutho olulukhuni kuwe.


Ngokuba selokhu kwadabuka umhlaba, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe, nakuba kungabonakali, kwambuliwe kwaba sobala ezintweni ezidaliweyo; ngakho-ke abanazaba zokuzilandulela.


bathi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu njengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo, owadala izulu nomhlaba nolwandle, nakho konke okukukho,


USimakade wasekela umhlaba ngokuhlakanipha; wamisa amazulu ngokuqonda.


oweneka izulu yedwa, ahambe phezu kwamaza olwandle,


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


Yimi engiwenzile umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo; yizandla zami ezaleneka izulu, ngayala wonke amaviyo alo.


Usho kanje uSimakade uMhlengi wakho, nowakubumba kwasesiswini, uthi: “NginguSimakade owenza konke, oweneka izulu yedwa, wendlala umhlaba ngokwakhe,


Usho kanje uNkulunkulu uSimakade owadala izulu, waleneka, wendlala umhlaba nokuvela kuwo; onika abantu abakuwo umphefumulo nomoya kwabahamba kuwo, uthi:


Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odale lezo zinto na? Nguye okhipha amaviyo azo, awabale; azibize zonke ngamagama. Ngokuba unamandla amakhulu nezikhwepha zakhe zinkulu, yingakho kungasilele neyodwa.


NguYena ohleli esiyingelezini somhlaba, abakhileyo kuwo banjengezintethe; nguyena oweneka izulu njengekhethini, alendlale njengethende ukuba kuhlalwe kulo;


owenze izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


wembethe ukukhanya njengengubo, weneka izulu njengendwangu.


“UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, Yena uyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla,


Usumkhohliwe uSimakade uMenzi wakho, owaleneka izulu, wabeka nesisekelo somhlaba. Uthuthumele usuku lonke ngenxa yolaka lomcindezeli, ozilungiselela ukubhubhisa. Kepha luphi ulaka lomcindezeli na?


Yebo, isandla sami sibekile isisekelo somhlaba, nesokunene sami saleneka izulu. Lapho ngikubiza, kuma ndawonye.


ngokuba wakhuluma, wavusa umoya wesiphepho owaphakamisa amadlambi olwandle.


Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.


Mina ngenzile umhlaba, abantu nezilwane; okusebusweni bomhlaba; ngamandla ami amakhulu, nangezikhwepha zami, futhi ngikunika noma ngubani othandekayo emehlweni ami.


Isiphrofetho. Izwi likaSimakade ngo-Israyeli. USimakade wendlale izulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu ezibili zakhe, uthi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite