Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 50:9 - IsiZulu 2020

9 Ngokuba bheka, ngiyakuvusa, ngiwukhuphule umfelandawonye wezizwe ezinamandla, zivela ezweni enyakatho, ngizilethe eBhabhele; ziyakuzihlela kahle, zilinqobe, lapho imicibisholo yalo iyofana neyengwazi engabuyi ilambatha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba bheka, ngiyakuvusa, ngenyusele eBabele ibandla lezizwe ezinkulu, livela ezweni lasenyakatho, lizihlelele lona, linqotshwe lapho; imicibisholo yalo iyakuba njengeyeqhawe eliphumelelayo, elingabuyi ze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba bhekani, ngiyokwenza umhlangano wezizwe ezinkulu ukuba ukhuphuke uvela ezweni lasenyakatho futhi ukhuphukele eBabiloni; lizathathwa lapho; imicibisholo yabo iyakuba njengeyeqhawe elinamandla; akekho oyobuyela ize.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 50:9
20 Referans Kwoze  

“Lolani imicibisholo, nithathe izihlangu. USimakade uvivise amakhosi aseMediya, ngokuba inhloso yakhe ngeBhabhele ngukuba alibhubhise; lokhu kuyimpindiselo kaSimakade, impindiselo ngethempeli lakhe.


“Bizani abemicibisholo, balwe neBhabhele; bonke abansala umnsalo, nikanise nxazonke zalo, kungaphunyuki namunye; niliphindisele njengezenzo zalo, nenze kulo njengoba nalo lenzile, ngokuba lizikhukhumezile, ladelela uSimakade oNgcwele ka-Israyeli.


Lithelekeleni nilihlasele; niqhamuka emingceleni, nivule izinqolobane zalo, nilinqwabele libe njengezindunduma, niliqede nya, kungasali lutho kulo.


“Hlasela izwe eMerathayimi, nalabo abakhileyo ePhekodi, babulale, ubaqede nya, ungashiyi lutho, ukwenze konke engikuyale ngakho,” kusho uSimakade.


“Nina nonke eninsala imicibisholo, manini ngomumo, nimelane neBhabhele, nilicibe, ningayigodli imicibisholo, ngokuba lonile kuSimakade.


Ngokuba liyakuhlaselwa yisizwe esivela enyakatho, esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo, kungabi bikho ohlala kulo; abantu nezilwane kuyakubaleka, kuhambe.”


Ngiyakukwenza ukuba ukhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba kuphenjwe umlilo olakeni lwami; uyakunishisa.”


“Ngimvusile enyakatho, futhi usefikile, kusukela ekuphumeni kwelanga, uyakubiza iGama lami; uyakwehlela phezu kwababusi njengaphezu kodaka, nanjengombumbi exovaxova ibumba.


Ngiboniswe umbono oshaqisayo: umkhapheli ekhaphela, nombhubhisi ebhubhisa. Yenyuka Elamu, uvimbezele Mediya; ngizokuqeda konke ukukhala kwenu.


Egazini lababuleweyo nasemanonini amaqhawe umnsalo kaJonathani awubuyelanga emuva ulambatha, nenkemba kaSawule yadla abaningi.


Wonke aphethe izinkemba, aqeqeshelwe impi, yileyo naleyo ndoda, inkemba yayo isenqulwini yayo, ngenxa yokwesaba ebusuku.


Ngokuba bayakugqilazwa nabo yizizwe eziningi nangamakhosi amakhulu, ngiyakuphindisela kubo ngokwezenzo zabo nangokwemisebenzi yezandla zabo.”


wonke amakhosi asenyakatho, akude naseduze, yileyo naleyo, nayo yonke imibuso yezwe esebusweni bomhlaba; emva kwabo bonke, kuyophuza inkosi yaseSheshakhi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite