Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 50:4 - IsiZulu 2020

4 “Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” kusho uSimakade, “abakwa-Israyeli, nabakwaJuda bayakuza behamba kanyekanye, bayakuhamba bekhala, befuna uSimakade uNkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova, “bayakufika abantwana bakwa-Israyeli, bona nabantwana bakwaJuda kanyekanye, behamba bekhala, befuna uJehova uNkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi, usho uJehova, abantwana bakwa-Israyeli bayakufika, bona nabantwana bakwaJuda kanyekanye, bahambe bakhale; bayohamba bayomfuna uJehova uNkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 50:4
32 Referans Kwoze  

Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.


Abantu bakwaJuda nabakwa-Israyeli bayakuhlangana ndawonye, bazikhethele inhloko ibe yodwa, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.”


“Bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda,


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa. Bayakungibuka mina, lowo abamgwazayo. Bayakumlilela njengokulilela kozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye, njengokukhalela kalusizi izibulo.


USimakade uyakhuluma uthi: “Ngisho namanje buyelani kimi ngenhliziyo yenu nonke, ngokuzila ukudla, ngokukhala, nangokulila.”


“Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘UJakobe ngiyakumbuyisa ekuthunjweni, yonke indlu yakwa-Israyeli ngiyihawukele, ngibe nentshisekelo ngenxa yegama lami elingcwele.


“ ‘Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi ngiyakuhlumisela uDavide iHlumela Lokulunga; liyakwenza ubulungiswa nokulunga emhlabeni.


Ngokuba usuku lokuphindisela lwalusenhliziyweni yami; unyaka wokuhlenga kwami usufikile.


Mfuneni uSimakade esenokutholwa, nimbize eseseduze.


Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama emhlabeni; angishongo kwabozalo lukaJakobe, ngathi: ‘Ngifuneni ngeze.’ Mina Simakade ngikhuluma ukulunga, ngimemezela okuqotho.


USimakade uyoba nesihawu kuJakobe, abuye amkhethe u-Israyeli, amuphe ukuthula ezweni lakhe; nabafokazi bayozihlanganisa naye, banamathele endlini kaJakobe.


Mfuneni uSimakade namandla akhe, nifunisise ubuso bakhe njalonjalo.


Yibani lusizi, nibubule, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukububula, nokujabula kube ngukujabha.


U-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, waphuma eMizpha ukuyowahlangabeza, ehamba ekhala. Kwathi lapho ehlangana nawo, wathi kuwo: “Wozani kuGedaliya indodana ka-Ahikamu.”


Uyakuzikhumbula izindlela zakho, ube namahloni, lapho wemukela odadewenu, omdala kunawe nomncane kunawe, ngikunike bona babe njengamadodakazi, kodwa hhayi ngenxa yesivumelwano sami nawe.


“Wozani, masibuyele kuSimakade, ngokuba Yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; Yena usishayile, uyakubopha inxeba lethu.


bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ngisezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.


Bayakulandela uSimakade oyakubhonga njengengonyama, ngokuba uyakubhonga, qede kubuye abantwana bakhe bethuthumela, bevela entshonalanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite