Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 50:3 - IsiZulu 2020

3 Ngokuba liyakuhlaselwa yisizwe esivela enyakatho, esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo, kungabi bikho ohlala kulo; abantu nezilwane kuyakubaleka, kuhambe.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba kukhuphukela kulo isizwe sivela enyakatho, esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo, kungabikho ohlala kulo; abantu nezilwane kuyakubaleka, kuhambe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba isizwe esisenyakatho siyamvukela owenza izwe laso libe yihlane, kungahlali muntu kulo; bayakumuka, bamuke, abantu nezilwane.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 50:3
22 Referans Kwoze  

“Ngiyakuqeda nya abantu nezilwane, ngishabalalise izinyoni zezulu nezinhlanzi zasolwandle. Ngiyakuqeda ababi kanye nezikhubekiso ngibaqothule abantu ebusweni bomhlaba,” kusho uSimakade.


“Lolani imicibisholo, nithathe izihlangu. USimakade uvivise amakhosi aseMediya, ngokuba inhloso yakhe ngeBhabhele ngukuba alibhubhise; lokhu kuyimpindiselo kaSimakade, impindiselo ngethempeli lakhe.


uthi: ‘Simakade, Wena ukhulumile ngale ndawo ukuthi uzoyiqeda ukuze kungabi bikho muntu nasilwane okuhlala kuyo, ngoba izokuba yihlane, kuze kube phakade.’


Ngokuba bheka, ngiyakuvusa, ngiwukhuphule umfelandawonye wezizwe ezinamandla, zivela ezweni enyakatho, ngizilethe eBhabhele; ziyakuzihlela kahle, zilinqobe, lapho imicibisholo yalo iyofana neyengwazi engabuyi ilambatha.


Izulu nomhlaba, nakho konke okukulo, kuqhumuke, kuhlabelele ngeBhabhele, ngokuba ababhubhisi bayakulithelekela bevela enyakatho,” kusho uSimakade.


Ngiyakushaya abakhe kulo muzi, abantu nezilwane; bayobulawa yisifo esikhulu.


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, intukuthelo nolaka kwami ngizokuthululela kule ndawo; phezu kwabantu, izilwane, izihlahla zasendle, nezithelo zomhlaba; kuzakuvutha kungacimeki.


“ ‘Ngokuba ngiyokwedlula eGibhithe ngalobo busuku, ngibulale wonke amazibulo eGibhithe, awabantu nawezilwane, ngibehlulele bonke onkulunkulu baseGibhithe: nginguSimakade.


“Ngizobashaya ngibaqothule ebusweni bomhlaba abantu engibadalileyo. Abantu nezilwane, izilwane ezihuquzelayo, nezinyoni zezulu, ngokuba ngiyazisola ukuthi ngikudaleleni.”


“Ngimvusile enyakatho, futhi usefikile, kusukela ekuphumeni kwelanga, uyakubiza iGama lami; uyakwehlela phezu kwababusi njengaphezu kodaka, nanjengombumbi exovaxova ibumba.


“Usho kanje uSimakade kogcotshiweyo wakhe, uKhoresi, osandla sakhe sokunene ngisibambile ukuba ngehlule izizwe phambi kwakhe, ngihlubule amakhosi izembatho zawo, ngivule iminyango phambi kwakhe; amasango awasayukuvalwa.


Ngiyakukhala, ngilile ezintabeni, nasemadlelweni asehlane, ngikhihle isililo; ngokuba aqothuliwe, akukho muntu owedlula kuwo, akuzwakali nakukhala kwemfuyo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


“Ngizakulenza iJerusalema libe yindunduma yamatshe, nendawo yamakhanka; imizi yakwaJuda ngiyenze ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite