Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 50:21 - IsiZulu 2020

21 “Hlasela izwe eMerathayimi, nalabo abakhileyo ePhekodi, babulale, ubaqede nya, ungashiyi lutho, ukwenze konke engikuyale ngakho,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Khuphukela ezweni laseMeratayimi,* kulona nakwabakhileyo ePhekodi,* uchithe, uqede nya emva kwabo,” usho uJehova, wenze konke engikuyale ngakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Khuphukani nimelene nezwe laseMeratayimi, nimelene nalo nakwabakhileyo ePhekodi; ubabhubhise, ubabhubhise ngesiqalekiso, usho uJehova, wenze njengalokho ngikuyalile.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 50:21
17 Referans Kwoze  

abaseBhabhele, amaKhaledi wonke, iPhekodi, iShowa, iKhowa, bonke abase-Asiriya, izinsizwa ezingamageza, ababusi, nezikhulu zabo, nazo zonke izikhulu ezaziwa ngabagibeli bamahhashi,


Khuzani iziqubulo zempi nxazonke; lize liphakamise izandla lithi: maluju! Imibhoshongo yalo iyakuwa, izingange zalo ziyakudilizwa, ngokuba lokho kuyimpindiselo kaSimakade; phindiselani kulo, njengokuba lenzile, yenzani kanjalo kulo.


Ngokuba bheka, ngiyakuvusa, ngiwukhuphule umfelandawonye wezizwe ezinamandla, zivela ezweni enyakatho, ngizilethe eBhabhele; ziyakuzihlela kahle, zilinqobe, lapho imicibisholo yalo iyofana neyengwazi engabuyi ilambatha.


Ngokuba liyakuhlaselwa yisizwe esivela enyakatho, esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo, kungabi bikho ohlala kulo; abantu nezilwane kuyakubaleka, kuhambe.”


“Makaqalekiswe lowo owenza umsebenzi kaSimakade ngokunganakekeli, aqalekiswe lowo onganindi inkemba yakhe ngegazi.


Bheka, ngiyakukhipha umyalo, kusho uSimakade, ngibabuyisele kuwo lo muzi; bayokulwa nawo, bawudle, bawushise ngomlilo. Ngiyakuyenza imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”


“Qoqanani nina nonke, nizwe; ngubani phakathi kwabo omemezele lezi zinto na? USimakade uyamthanda, uyoyifeza intando yakhe eBhabhele, nengalo yakhe imelane namaKhaledi.


othi ngoKhoresi: ‘Ungumelusi wami, uyakufeza konke okwentando yami, athi ngeJerusalema: liyakwakhiwa, nakulo ithempeli: Isisekelo sakho siyakubekwa.’ ”


Ngiyithuma esizweni esingenabunkulunkulu, ngiyijube ukubhekana nabantu engibathukuthelele ukuba ibaphange impango, iqhwage impahla, ibaxove njengodaka emigwaqweni.


“Usho kanje uKhoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: ‘USimakade uNkulunkulu wezulu unginike yonke imibuso yomhlaba, ungiqokile ukuba ngimakhele indlu eJerusalema elikwaJuda. Noma ngubani ophakathi kwenu wabantu bakhe, uSimakade uNkulunkulu makabe naye, akhuphuke.’ ”


Manje ucabanga ukuthi ngikhuphuke yini ngaphandle kukaSimakade, ukuza kuleyo ndawo ukuze ngiyibhubhise na? USimakade wathi kimi: “Khuphukela kuleli lizwe ulibhubhise.” ’ ”


UDavide wayesethi ku-Abhishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani-ke lo mBhenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba nguSimakade omthumile.


Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”


UNkulunkulu wasemandulo uyisiphephelo nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho wathi: ‘Bhubhisa.’


Mina, Mina ngikhulumile, futhi ngimbizile, ngimlethile, uyoyenza iphumelele indlela yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite