Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 50:11 - IsiZulu 2020

11 “Noma ningathokoza, niqhoshe, nina baphangi befa lami; noma ningagxumagxuma njengesithokazi otshanini obuluhlaza, nikhalise okwamahhashi anamandla;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Noma nithokoza, noma nijabula nina baphangi befa lami, noma nixhuma njengesithokazi etshanini obuluhlaza, niyiyizela njengamahhashi anamandla,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokuba nathokoza, ngokuba nathokoza, nina bachitha ifa lami, ngokuba nakhuluphalisa njengethokazi etshanini, nabhodla njengezinkunzi;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 50:11
32 Referans Kwoze  

Ngangibathukuthelele abantu bami, ngangcolisa ifa lami, ngalinikela esandleni sakho; awubahawukelanga, walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu phezu kwabadala.


Lokhu kuyakuba ubhubhane uSimakade ayakushaya ngalo izizwe ezaphaka impi zalwa neJerusalema: inyama yabo iyobola bemi ngezinyawo zabo; amehlo abo abole ezikhoxeni zawo, nolimi lwabo lubolele emlonyeni wabo.


Kodwa kwakungafanele uthokoze ngosuku lomfowenu mhla evelelwa yishwa. Kwakungafanele ujabule mayelana nabantu bakwaJuda ngosuku lokubhujiswa kwabo. Kwakungafanele ubhuqe ngomlomo wakho ngosuku losizi.


Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


U-Efrayimi uyisithole esifundisiweyo, esithanda ukubhula okusanhlamvu; ngizomgaxa ijoka entanyeni yakhe enhle, u-Efrayimi ngimdonsise, uJuda alime, uJakobe azicubuzele amagade.


“Bangizwile ngibubula, kepha akekho ongiduduzile. Zonke izitha zami zizwile ngosizi lwami, zajabula ukuthi nguwe ongenze nje. Lwenze lufike lolo suku owamemezela ngalo, zenze nazo zifane nami.


Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehle ziyohlatshwa. Maye kuzo! Ngokuba usuku lwazo selufikile; isikhathi sokujeziswa kwazo.


“U-Israyeli ungumhlambi ohlakazekile; izingonyama zimxoshile. Eyokuqala emudlile, yinkosi yase-Asiriya, eyokugcina eqhoboze amathambo akhe, yinkosi yaseBhabhele.”


Ngisho namabutho alo aqashiwe, aphakathi kulo, anjengamathole akhuluphalisiweyo; nawo aphenduka abaleka kanyekanye, awazange eme ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selufikile; isikhathi sokujeziswa kwabo.


Bakhuluphele, bayacwebezela, yebo, ububi babo abunamkhawulo, abehluleli ngokulunga, abazimeli izintandane ukuba nazo ziphumelele, abawalweli amalungelo abampofu.


Bafana namahhashi akhulupheleyo andindayo; yilowo nalowo ukhanuka umfazi kamakhelwane wakhe.


Odelela ompofu usola uMenzi wakhe, nothokoza ngengozi akayukuyekwa angajeziswa.


Ngihaqwe yizinkunzi zaseBhashani eziningi, ezinamandla, zingizungezile.


“UJeshuruni wakhuluphala, wayesekhahlela; usekhuluphele, uzimukile, futhi uchachambile. Wamshiya uNkulunkulu owamenza, waledelela iDwala lensindiso yakhe.


“Manje yizwa lokhu, wena ozijabulisayo, ohlala ulondekile, othi enhliziweni yakho: yimi, akekho omunye; angiyukuhlalisa okomfelokazi, futhi angiyukukwazi ukufelwa ngabantwana.


Usho kanje uSimakade ngabo bonke omakhelwane bami abakhohlakele, abaqhwaga ifa engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, nendlu kaJuda ngiyisiphule phakathi kwabo.


“IGibhithe liyisithokazi esihle kakhulu, kodwa kunesibawu esivela enyakatho, esizakulithelekela.


Njengoba nawe wathokoza ngefa lendlu yakwa-Israyeli, lapho iba yincithakalo, ngiyakwenza kanjalo nakuwe. Wena ntaba iSeyiri uyakuba yincithakalo, naye wonke u-Edomi, yebo, wonke jikelele, bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.”


isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: impela ngentukuthelo yami evuthayo, ngikhulumile ngamelana nensali ezizweni naye wonke u-Edomi, abenze izwe lami laba yifa labo ngentokozo nangenhliziyo yabo embi, ukuze lilahlwe libe yimpango.” ’ ”


Uyabakhipha bonke ngodobo, abahudule ngenetha lakhe, abaqoqele enetheni lakhe elihudulwayo, ngalokho-ke uyathokoza, ajabule.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite