Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 5:4 - IsiZulu 2020

4 Ngase ngithi: “Laba yizimpofana nje, benze ubuwula, ngoba kabayazi indlela kaSimakade, nokwehlulela kukaNkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngase ngithi mina: “Laba bayizimpofana nje, bayiziwula, ngokuba abayazi indlela kaJehova, ukwahlulela kukaNkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngakho ngathi: Impela bampofu; bayiziwula, ngokuba abayazi indlela kaJehova nomthetho kaNkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 5:4
11 Referans Kwoze  

Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumphristi wami. Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho.


Unogolantethe emkhathini uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo; ihobhe, ihhashi, inkonjane, nonohhemu, kuyazigcina izikhathi zokufika kwakho; kodwa abantu bami kabazazi izimiso zikaSimakade.


Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli.


Lapho amagatsha awo esebunile, ayogencwa, kufike abesifazane baphembe ngawo umlilo. Ngokuba laba bantu bayisizwe esingenakuqonda; owabenzayo akayukubahawukela, nowababumbayo akayukuba namusa kubo.


Bhekani, nethembela emazwini angamanga angenanzuzo.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”


“Bagobisele umnsalo wolimi emangeni, abaqinanga eqinisweni ezweni, ngokuba basuka kulobu bubi bedlulele kobunye; abangazi Mina,” kusho uSimakade.


Bonke bayiziphukuphuku neziwula. Ukuyala kwezithombe kufana nokhuni nje,


Kuthi lapho inikwa labo abangakwazi ukufunda, kuthiwe: “Fundani lokhu,” bathi: “Asikwazi ukufunda.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite