Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 5:26 - IsiZulu 2020

26 “Ababi bafunyanwa phakathi kwabantu bami, bayaqamekela njengabacupha inyoni, babeke ugibe, ukuba babambe abantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 “Ngokuba phakathi kwabantu bami kufunyanwa ababi, baqamekela njengabacuphayo nabalinda izinyoni, babeke ugibe, babambe abantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ngokuba phakathi kwabantu bami kufunyanwa ababi; bacupha ugibe, babambe abantu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 5:26
16 Referans Kwoze  

uma zithi kuwe: “Woza, hamba nathi ukuze sibalalele unyendle, ngaphandle kwesizathu, sichithe igazi labangenacala!


Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo, lapho uthumela kubo abaphangi ngokuzumayo, ngokuba bambile umgodi wokungibamba, bafihlela izinyawo zami izingibe.


Badudana ngecebo elibi, bahlele ukucupha izingibe, bethi: “Siyobonwa ngubani na?”


kanjalo noJakobe noJohane amadodana kaZebedewu ababesizana noSimoni. UJesu wathi kuSimoni: “Ungesabi; kusukela manje usuzakudoba abantu.”


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”


“Memeza, ungazibambi, liphakamise izwi lakho njengecilongo, batshele abantu bami iziphambeko zabo, nendlu kaJakobe izono zayo.


Izikhali zomkhohlisi zimbi, uhlela amacebo amabi, ukuze abhubhise abampofu ngamazwi angamanga, ngisho nalapho ontulayo ekhuluma okulungileyo.


Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo, lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo komakhelwane babo, kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.


Okuhle kuyaphindiselwa yini ngokubi na? Nokho bangimbele umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho; ngakhuluma okuhle ngabo, nokunqanda ulaka lwakho kubo.


Ngabe kusekhona ingcebo embi endlini yezikhohlakali, ne-efa elincane eliqalekisiweyo na?


Abathembekileyo bashabalele ezweni, akekho oqotho kubantu; bonke balala unyendle, bachithe igazi; yilowo nalowo uzingela umfowabo ngogibe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite