Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 5:15 - IsiZulu 2020

15 Ngizakwehlisela kini, nina ndlu ka-Israyeli, isizwe esivela kude,” kusho uSimakade; “yisizwe esinamandla, isizwe esidala, isizwe ongalwazi ulimi lwaso, nongakuqondi esikushoyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu isizwe esivela kude nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova; “yisizwe esinamandla, yisizwe esidala, yisizwe ongazi ulimi lwaso, nongezwa lokhu abakukhulumayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu isizwe esivela kude nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova; yisizwe esilamandla, yisizwe sasendulo, yisizwe ulimi lwaso ongalwaziyo njalo ongazwisisiyo ukuthi luthini.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 5:15
27 Referans Kwoze  

“USimakade uyothumela kuwe isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba, esihlwitha njengokhozi. Kuyoba yisizwe ongayukuluqonda ulimi lwaso,


“Xwayisani izizwe ngalokhu; bhekani, kumemezeleni eJerusalema ukuthi abavimbezeli bayeza, bavela kwelikude izwe; bayalizwakalisa izwi labo emizini yakwaJuda.


Awusayukubuye uzibone izidlova, abantu abakhuluma okungaqondakali nokungezwakali, abalulimi lukwitiza kungekho ongaluqonda.


Impela uyokhuluma kulaba bantu ngezindebe ezingingizayo nangolimi olungaziwayo.


Uyophakamisela isizwe esikude ibhanela, asihlabele ikhwelo sisemajukujukwini omhlaba; yebo, siyakuza ngokushesha.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.


Ngokuba ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho,” kusho uSimakade. “Iyakufika, kube yilowo nalowo ubeke isihlalo sawo sobukhosi ezikhaleni zamasango eJerusalema, nakuzo zonke izingange ezilizungezile, nasemizini yonke yakwaJuda.


Emthethweni kulotshiwe ukuthi: “Ngezinye izilimi, nangezindebe zabanye, ngiyakukhuluma kulesi sizwe; kodwa noma kunjalo asiyukungizwa,” kusho iNkosi.


Lahlani zonke iziphambeko zenu eniphambuke ngazo, nizenzele inhliziyo entsha nomoya omusha; uyakufelani wena ndlu ka-Israyeli na?


iGibhithe, uJuda, u-Edomi, abantu bakwa-Amoni, uMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo, abakhe ehlane. Ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Kuzakufika abantu bevela ezweni elisenyakatho; isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.


Indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zenze ubuqili obukhulu kimi,” kusho uSimakade.


“Njengesela linxothoza lapho selibanjiwe, iyakuba njalo nendlu yakwa-Israyeli; iyokuba namahloni, yona namakhosi ayo, izikhulu zabo, abaphristi babo, nabaphrofethi babo


USimakade Wamabandla uyokuhambela ngokushesha nangokuduma, nangokuzamazama, nangomsindo omkhulu, nangesivunguvungu, nangesiphepho nangelangabi lomlilo oqothulayo.


NjengoDavide ngizokanisa, ngimelane nawe, ngikuhaqe nxazonke, ngikuvimbezele ngezinqaba, ngimise izindonga.


Isivini sikaSimakade Wamabandla yindlu ka-Israyeli, bonke abantu bakwaJuda bayisithombo sakhe esithandekayo; walindela ubulungiswa, kodwa kwachitheka igazi; wabheka ukulunga, kodwa kwaba ngukukhala.


“Emveni kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu, sinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso. Sasehlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso sinezimpondo ezilishumi.


Wozani sehle, siphambanise ulimi lwabo, khona bezogcina bengasezwani ukuthi omunye uthini komunye.”


Izithelo zomhlabathi wakho nawo wonke umphumela wokusebenza kwakho, kuyodliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe nsuku zonke.


Wakwenza kwaba ngubufakazi obumileyo kwaJosefa, mhlazana ephuma eGibhithe. Ngezwa ulimi engingalwazi luthi:


Kwase kufika umphrofethi u-Izaya kuHezekiya, inkosi, wathi kuye: “Bebethini laba bantu; baphumaphi njengoba beze kuwe na?”


Aqoke abafana abangenasici, ababukeka kahle, abanengqondo ekuhlakanipheni konke, abanolwazi ekwazini, abanokuqonda ekwazini, abanamandla okukhonza endlini yenkosi; abafundise izincwadi nolimi lwamaKhaledi.


“Niyabona-ke, ngiyakunivusela isizwe nina ndlu ka-Israyeli, esiyakunicindezela kusukela ekungeneni eHamathi kuze kube sesigodini i-Araba,” kusho uSimakade uNkulunkulu Wamabandla.


Ngezwa, qede kwathuthumela izibilini zami, izindebe zomlomo wami zaqhaqhazela ngomsindo; ukuvendlezela kwangena emathanjeni ami, ngathuthumela lapho ngimi khona, ngizothula ngilinde kuze kufike usuku lwenhlupheko kubantu abasihlaselayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite