Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 5:1 - IsiZulu 2020

1 “Yehlani nenyuka emigwaqweni eJerusalema, nibheke nxazonke, niqaphele, nicinge ezigcawini zalo, uma niyofumana umuntu abe munye vo owenza ubulungiswa, ofuna iqiniso; khona ngiyolithethelela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema, nibone nazi, nicinge ezigcawini, uma ningafumana umuntu, uma kukhona owenza ukwahlulela, ofuna iqiniso; bese ngilithethelela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Gijimani ezitaladini zaseJerusalema, nibheke, nazi, nifunisise ububanzi bayo, uma ningathola umuntu owenza ukwahlulela, ofuna iqiniso; futhi ngizokuthethelela.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 5:1
29 Referans Kwoze  

“Ngafuna kubo umuntu owayezokwakha ugange, ame esikhaleni phambi kwami ngenxa yezwe, ukuze ngingalibhubhisi, kodwa angimtholanga.


Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”


Akekho omemeza ngokulunga, akekho nowehlulela ngeqiniso; bethembela kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe ububi, bazala inkohlakalo.


Bonke baphambukile, bonke bonakele; akekho owenza okuhle, akukho namunye.


Abantu abaningi bazishaya abalungileyo, kodwa ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?


Yelekelela, Simakade, ngokuba akusekho muntu oqotho, nabebethembekile abasekho kubantu.


nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo, ngenxa yokuba bengakuvumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe.


“Inceku isibuyile, yayibikela inkosi yayo ngalokho. Umninindlu wathukuthela, khona wayesethi encekwini yakhe: ‘Phuthuma, uye emigwaqweni nasemihubheni yomuzi; ungenise lapha abampofu, abakhubazekile, izimpumputhe, nezinyonga.’


Yathi kuyo: “Gijima utshele leya nsizwa ukuthi iJerusalema alisayukubiyelwa ngogange, ngenxa yobuningi babantu nemfuyo okukulo.


“Abantu bayodiyazela kusuka olwandle kuya olwandle, behla benyuka kusukela enyakatho kuya empumalanga, bazulazule befuna izwi likaSimakade, kodwa abayukulifumana.


Batheleka emzini, bagijime ogangeni; bakhuphukele ezindlini, bangulukudele ngamafasitela njengesela.


Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise umqulu kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kuyokuba kuningi.”


Manje ngizovuka ngizungeze emzini, emigwaqweni nasemashashalazini, ngizomfuna othandwa ngumphefumulo wami. Ngamfuna, kodwa angimtholanga.


Thengisisa iqiniso, ukuhlakanipha, ukuyalwa, nokuqonda, ungathengisi ngakho.


ngasekungeneni, emasangweni omuzi kuyamemeza, kuthi:


Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, ngokuba abantu bakwa-Israyeli basilahlile isivumelwano sakho, badilize ama-althare akho, babulala abaphrofethi bakho ngenkemba; sekusele mina ngedwa, sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.”


“Kungani nimelana nami na? Nonke niphambukile kimi,” kusho uSimakade.


Wonke amadoda ayazi ukuthi omkawo bashisela impepho abanye onkulunkulu, kanye nabesifazane bonke ababemi lapho, ibandla elikhulu, bonke abantu ababehlala eGibhithe, ePhathirosi; bamphendula uJeremiya, bathi:


USimakade uyababuka abantwana babantu esezulwini, ukubona ukuthi ukhona yini ohlakaniphileyo, ofuna uNkulunkulu.


Ngubani oyakungimela phambi kwababi na? Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?


Ngiqaphelisisile, ngezwa; abalikhulumi iqiniso; akekho ophendukayo ebubini bakhe, ethi: “Ngikwenzeleni lokhu na?” Bonke bazihambela ezindleleni zabo, njengamahhashi ephulukundlela empini.


Sengathi ngabe nginendawo yokulala izihambi ehlane, ukuze ngibashiye abantu bami, ngisuke kubo, ngokuba bonke bayiziphingi, iqembu lamaqili.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye, ngokuba ngizokwenza kanjani ngenxa yesono sabantu bami na?


Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu ngokwedlulele, izwe ligcwele igazi, nasemzini kudlange ukonakala, ngokuba bathi: ‘USimakade ulishiyile leli lizwe futhi akaboni.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite