Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 49:8 - IsiZulu 2020

8 Phendukani, nibaleke, nibhace emigedeni ejulileyo; nina zakhamuzi zaseDedani, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe inhlekelele ka-Esawu, ngesikhathi engiyomjezisa ngaso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Balekani, nibuye, nihlale ezigoxini nina bakhileyo eDedani, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe ingozi ka-Esawu ngesikhathi sokumhambela kwami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Balekani, niphenduke, nihlale ekujuleni, nina bakhileyo eDedani. Ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe inhlekelele ka-Esawu ngesikhathi sokumhambela kwami.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 49:8
22 Referans Kwoze  

iDedani, iThema, iBhuzi, nabo bonke abagunde badilinga amakhanda abo emaceleni,


Ngisho namabutho alo aqashiwe, aphakathi kulo, anjengamathole akhuluphalisiweyo; nawo aphenduka abaleka kanyekanye, awazange eme ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selufikile; isikhathi sokujeziswa kwabo.


“Bhembulukani nibaleke, nizulazule kude, nicashe emigedeni, nina zakhamuzi zaseHazori, kusho uSimakade; ngokuba uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wenze icebo ngani; unakhele uzungu, waceba icebo,” kusho uSimakade.


Isiphrofetho nge-Arabhiya. Niyakulala ehlozini elisemathafeni e-Arabhiya, nina mahele aseDedanimi.


Amakhosi omhlaba, izikhulu, izinduna, abacebileyo, iziphathimandla, izigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emigedeni nasemaweni ezintaba,


Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehle ziyohlatshwa. Maye kuzo! Ngokuba usuku lwazo selufikile; isikhathi sokujeziswa kwazo.


“Amakamela aso ayakuba yimpango, nemfuyo yaso eningi iyakuphangwa. Ngiyakubahlakazela ezindaweni zonke, bonke abadilingwe emaceleni amakhanda abo, ngehlisele phezu kwabo inhlekelele evela nxazonke,” kusho uSimakade.


“Obalekela ukwesaba, uyakuwela emgodini; okhuphuka emgodini, abanjwe wugibe; ngokuba ngiyakwehlisela lezi zinto phezu kwabakwaMowabi, ngonyaka wokujeziswa kwabo,” kusho uSimakade.


Shiyani imizi, nihlale phakathi kwamadwala; nina zakhamuzi zakwaMowabi, yibani njengejuba, elakha isidleke emlonyeni wesiwa.


Balekani, nisindise impilo yenu, ukuze nibe njengesihlahla esiyize ehlane.


“Bantu bakwaBhenjamini, balekani niyocasha, nisuke eJerusalema, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBhethi Hakeremi, ngokuba inhlekelele ilunguza ivela ngasenyakatho nokubhubhisa okukhulu.


Bayongena emihumeni esemadwaleni nasemifantwini yamawa, bebalekela ukwesabeka kukaSimakade nenkazimulo yobukhosi bakhe, lapho ekhuphuka ukuthuthumelisa umhlaba.


Kwathi lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basenkathazweni ngenxa yengcindezelo enkulu ababekuyo, abantu bacasha emigedeni, emahlozini, emaweni, ezinqabeni, nakuyo imithombokwakhiwa.


Isandla sabakwaMidiyani sabehlula abantu bakwa-Israyeli, ngenxa yabakwaMidiyani, abakwa-Israyeli bazakhela izindawo zokucasha ezintabeni, emigedeni, nasezinqabeni.


Uma inkemba yami isidle yaneliswa ezulwini, iyokwehlela phezu kuka-Edomi naphezu kwabantu engibamisele ukubabhubhisa ngesehlulelo.


Ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakwelulela isandla sami ku-Edomi ngimelane naye, ngibulale abantu nezilwane, ngimenze abe yincithakalo kusukela eThemani kuze kube seDedani, bayakufa ngenkemba.


kodwa ngamzonda u-Esawu, ngenza izintaba zakhe zaba wugwadule, nefa lakhe laba ngelamankentshane asehlane.”


Uma u-Edomi ethi: “Siphihliziwe, kepha siyakubuye sikwakhe kabusha okubhidlikile.” Kodwa usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bona bayakukwakha, kodwa Mina ngiyakubhidliza. Bayakubizwa ngokuthi Yizwe Lenkohlakalo, nabantu uSimakade abathukuthelele unomphelo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite