Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 49:5 - IsiZulu 2020

5 Bheka, ngizokwehlisela ukwesaba phezu kwakho,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla, “kuvela kubo bonke abakuzungezileyo; niyakuxoshwa; kube yilowo nalowo abambe eyakhe indlela, kungabi bikho oqoqa ababalekileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho uvalo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti, “luvela kubo bonke abakuzungezayo, nixoshwe, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe, kungabikho obutha ababalekileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bheka, ngiyakwehlisela ukwesaba phezu kwakho, isho iNkosi uJehova Sebawoti, phezu kwabo bonke abakuhaqayo; futhi yilowo nalowo kini uyakuxoshwa masinyane; futhi akekho oyobutha odukayo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 49:5
16 Referans Kwoze  

Niyothatha, nithwale amathende abo, imihlambi yabo, amakhethini abo, nazo zonke izimpahla zabo, amakameli abo, nimemeze kubo nithi: ‘Kugcwele ukwesabeka nxazonke.’


Kepha ngiboneni na? Bayathuthumela, babuyela emuva. Amaqhawe abo ayakunqotshwa, ayabaleka nokubaleka, awasabheki emuva; kukhona ukwesaba nxazonke,” kusho uSimakade.


Niyakuphuma ngamunye ngamunye ngezintuba, nilahlwe eHermoni,” kusho uSimakade.


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngizokwenza uzesabe wena luqobo, wesatshwe nayibona bonke abangani bakho. Bayokuwa ngenkemba yezitha zabo, ubuka ngawakho amehlo, uJuda wonke ngiyakumnikela esandleni senkosi yaseBhabhele; iyobathumbela eBhabhele, ibabulale ngenkemba.


Abafelokazi babo baningi kimi kunesihlabathi solwandle; ngehlisele phezu kwawonina bezinsizwa umbhubhisi emini kwabha, ngehlisele phezu kwakhe ngokushesha, ukwesaba nengebhe.


“Lulekanani, nithathe isinqumo, umphefumulo wabo ube njengobusuku phakathi kwemini, nibhacise abaxoshiweyo, ningabadaluli ababalekileyo.


Izikhohlakali zibaleka noma kungekho ozixoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Ukunkeneneza okwesabisayo kusezindlebeni zakhe, uyothi esahlezi enethezekile, kutheleke umphangi.


Bheka, ngizothumela kuye umoya, uyakuzwa umbiko, bese ebuyela ezweni lakubo, ngimwise khona ngenkemba.” ’ ”


wathi kuzo: “Ngiyazi ukuthi uSimakade uNkulunkulu uninikile leli lizwe nokuthi sonke sigcwele ingebhe ngenxa yenu, nokuthi zonke izakhamuzi zaleli lizwe zinesaba okokufa.


“Ngokuba, niyabona, ngizakuthumela abadobi abaningi babadobe,” usho kanje uSimakade, “ngithumele nabazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo wonke amagquma, nasemifantwini yamadwala.


Abantu babebahebeza, bethi: “Sukani lapha, ningcolile! Sukani, sukani, ningasithinti!” Ngakho-ke baphenduka abafokazi nemizulane; abantu phakathi kwezizwe bathi: “Anisoze nagogobala lapha!”


Ningaphumeli endle, ningahambi emgwaqweni, ngokuba isitha sinenkemba, kugcwele ukwesabeka nxazonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite