Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 49:39 - IsiZulu 2020

39 “Kepha kuyakuthi ngezinsuku zokugcina ngikuguqule ukuthunjwa kwe-Elamu,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 “Kepha kuyakuthi ezinsukwini zokugcina ngibuyise ukuthunjwa kwe-Elamu,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Kodwa ekupheleni kwezinsuku ngizabuyisela isabelo se-Elamu,” kutsho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 49:39
15 Referans Kwoze  

Kepha ngiyakukuguqula ukuthunjwa kukaMowabi ngezinsuku ezizayo,” kusho uSimakade. Kuphela lapha ukwehlulelwa kukaMowabi.


Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina intaba yendlu kaSimakade iqiniswe esiqongweni sezintaba, ibe yinde kunamagquma, abantu abaningi bayakugelezela kuyo.


Ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe kabusha imizi ebiyincithakalo, bahlale kuyo; bayakutshala izivini, baphuze iwayini lazo, balime izivande, badle izithelo zazo.


Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.


Sengifikile ukuba ngikuqondise okuyakwehlela abantu bakho ngezinsuku ezizayo, ngokuba umbono usenezinsuku.”


Kepha kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo; wazisile inkosi uNebukhadinezari okuyakuba khona ngezinsuku ezizayo. Iphupho lakho nemibono yekhanda lakho embhedeni wakho nakhu:


“Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘UJakobe ngiyakumbuyisa ekuthunjweni, yonke indlu yakwa-Israyeli ngiyihawukele, ngibe nentshisekelo ngenxa yegama lami elingcwele.


Uyakukhuphukela khona ukuba uthelekele abantu bami u-Israyeli, njengefu lisibekela izwe. Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami, ukuze izizwe zazi lapho ngizibonakalisa ngawe, Gogi, ukuthi ngingcwele, ziyakuzibonela ngawazo amehlo.”


ngibabuyise ekuthunjweni, ngibabuyisele ePhathirosi, izwe abadabuka kulo, babe ngumbuso othobekileyo lapho.


“Kepha emveni kwalokho ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabakwa-Amoni,” kusho uSimakade.


Kuyothi ngezinsuku zokugcina, intaba yendlu kaSimakade imiswe njengephakeme kunezintaba, iphakame kunamagquma; zonke izizwe ziyakugobhozela kuyo.


USimakade wakuphendula ukuhlupheka kukaJobe ngesikhathi ekhulekela abangani bakhe. Konke uJobe ayenakho uNkulunkulu wakwenezela ngokuphindwe kabili.


Kuyakuthi uma sengibasiphulile, ngibuye ngibahawukele, ngibabuyise, kube yilowo nalowo efeni lakhe nasezweni lakhe.


Ngiyakubeka isihlalo sami sobukhosi e-Elamu, ngibhubhise lapho inkosi nezikhulu,” kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite