UJeremiya 49:19 - IsiZulu 202019 “Bheka, njengengonyama iphuma ehlozini eJordani, iya emadlelweni aluhlaza, ngiyakubazuma kanjalo abakwa-Edomi, ngibaxoshe ezweni labo. Noma ngubani okhethiweyo ngiyombeka ababuse. Ngokuba ngubani onjengami na? Ngubani ongangiphosela inselelo na? Yimuphi umelusi ongama phambi kwami na?” Gade chapit laIBHAYIBHELI ELINGCWELE19 “Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?” Gade chapit laContemporary Zulu Bible 202419 Bheka, uyakwenyuka njengengonyama emfuleni iJordani, akhuphukele endaweni eyinqaba; kepha ngiyakumbalekela ngokuzuma; ngubani okhethiweyo, engingambeka phezu kwakhe na? ngoba ngubani onjengami? ngubani ongangibekela isikhathi na? ngubani umalusi ongema phambi kwami na? Gade chapit la |
bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.