Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 49:16 - IsiZulu 2020

16 Ukwesabeka kwakho nokuziqhenya kwenhliziyo yakho kukudukisile, wena ohleli emifantwini yamadwala, esicongweni segquma. Noma isidleke sakho ungasakha phezulu njengokhozi; ngiyakwehlisa khona lapho,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ukwesabeka kwakho kukudukisile, ukuziqhenya kwenhliziyo yakho, wena ohlezi emifantwini yamawa ubambe isiqongo sentaba; noma wakha isidleke sakho njengokhozi, ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ukwesabeka kwakho kukhohlisile, nokuzidla kwenhliziyo yakho, wena ohlala emifantwini yedwala, obambe indawo ephakemeyo yentaba; noma wakha isidleke sakho njengokhozi, ngiyakukwehlisa khona, usho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 49:16
21 Referans Kwoze  

Noma bangagubha endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona lapho, noma bangakhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona lapho.


Noma kunjalo, uSimakade uthi: “Yebo, abathunjwa abangamaqhawe bayakuthathwa, nempango yabacindezeli yophulwe, kodwa Mina ngiyakulwa naye olwa nawe, ngibasindise abantwana bakho.


Ukhozi lundizela phezulu yini ngenxa yokusho kwakho, lisakhe lapho phezulu isidleke salo na?


Impakamo yomuntu iyomqumba phansi, kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.


Ukuzidla kwendulela ukuwa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukubhadazela.


Bayongena emihumeni esemadwaleni nasemifantwini yamawa, bebalekela ukwesabeka kukaSimakade nenkazimulo yobukhosi bakhe, lapho ekhuphuka ukuthuthumelisa umhlaba.


Juba lami elisemifantwini yedwala elisekusithekeni endaweni eyehlelayo, mangikubone siqu sakho. Mangizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nesiqu sakho siyabukeka.


Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.


Wabulala izi-10 000 zabakwa-Edomi eSigodini Sikasawoti, wadla iSela; wayeseliqamba kabusha ethi yiJokitheyeli, okuyigama lalo kuze kube namuhla.


Isandla sami sithole umcebo wezizwe; njengomuntu ebutha amaqanda ashiywe esidlekeni senyoni, nami ngiwubuthe kanjalo-ke umhlaba wonke. Akubangabikho lutho olwake lwathi nyaka, nolwathi nkente, nolwake lwathi tshiyo.”


“Ngokuba bheka, ngizakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe, udelelwe phakathi kwabantu.


“Bizani abemicibisholo, balwe neBhabhele; bonke abansala umnsalo, nikanise nxazonke zalo, kungaphunyuki namunye; niliphindisele njengezenzo zalo, nenze kulo njengoba nalo lenzile, ngokuba lizikhukhumezile, ladelela uSimakade oNgcwele ka-Israyeli.


“Ngisho noma iBhabhele lingafinyelela esibhakabhakeni, liyiqinise inqaba yalo ephakemeyo, nokho ngiyakuthumela ababhubhisi, balithelekele,” kusho uSimakade.


Maye, kulowo ozuzela indlu yakhe ngokungalungile inzuzo embi ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuze azihlenge esandleni senhlekelele!


kodwa ngamzonda u-Esawu, ngenza izintaba zakhe zaba wugwadule, nefa lakhe laba ngelamankentshane asehlane.”


“Ningasho kanjani, nithi: ‘Singamaqhawe namabutho anamandla okulwa na?’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite