Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 49:13 - IsiZulu 2020

13 Ngizifunge Mina uqobo, kusho uSimakade, ukuthi iBhozira liyakuba yincithakalo, ihlazo, into esabekayo, nesiqalekiso, nayo yonke imizi yalo iyakuba yincithakalo yaphakade,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngokuba ngizifungile,” usho uJehova, “ukuthi iBosira liyakuba yisimangaliso, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso, yonke imizi yalo ibe yizincithakalo eziphakade.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngokuba ngizifungile mina, usho uJehova, ukuthi iBhozira liyakuba yincithakalo, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso; yonke imizi yakhe iyakuba yincithakalo kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 49:13
21 Referans Kwoze  

USimakade unenkemba; igcwele igazi, izinonisile ngamanoni egazi lezimvana nelezimbuzi, nangamanoni ezinso zezinqama, ngokuba uSimakade uyanikela umhlatshelo eseBhozira, uyazihlabela kakhulu kwa-Edomi.


Kuthe ukuba akhothame uBhela, ubukhosi bathathwa uJobhabhu, indodana kaZera waseBhozira.


“Ngizifunge Mina, kusho uSimakade: ‘Ngenxa yokuba wenze lokhu, ungayigodlanga indodana yakho eyodwa,


INkosi uSimakade izifungile, kusho uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uthi: “Ngiyakwenyanya ukuzigqaja kukaJakobe, ngiyazizonda izigodlo zakhe; ngiyakuwukhaphela umuzi nokukuwo.”


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo eThemani, uyakungqongqisa izinqaba eBhozira.”


Bheka, uyakukhuphuka ashwize njengokhozi, ehle, elulele amaphiko akhe phezu kweBhozira. Izinhliziyo zamaqhawe akwa-Edomi ziyakufana nenhliziyo yowesifazane ohelelwayo.


Ngakho-ke yizwani izwi likaSimakade nina nonke baJuda enihlala eGibhithe: ‘Bheka, ngifunga igama lami elikhulu,’ kusho uSimakade, ‘ukuthi igama lami alisayukubizwa muntu wakwaJuda ezweni lonke eGibhithe, athi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade.”


Ngubani lona ovela kwa-Edomi, enezingubo ezibomvu zaseBhozira; lona ohlobe ngezembatho zakwanokusho, ohamba ngamandla amakhulu na? “Yimina engikhuluma ngokulunga, nenginamandla okusindisa.”


Ngizifunge Mina, izwi liphumile emlonyeni wami ngokulunga, aliyukubuyela emuva: wonke amadolo, ayoguqa kimi nezilimi zonke ziyofunga.


Abendlu yakwaJakobe bayakuba ngumlilo, abendlu kaJosefa babe yilangabi, kuthi abendlu ka-Esawu babe ngamabibi, bayakuwashisa, aphele nya; akuyukusinda namunye kwabendlu ka-Esawu, ngokuba uSimakade usekhulumile.


IGibhithe liyakuba yincithakalo, i-Edomi libe yihlane elingenalutho, ngenxa yobudlova obenziwa kubantu bakwaJuda, bachitha igazi elingenacala ezweni labo.


UBhela wakhothama; kwabekwa uJobhabhi, indodana kaZera waseBhozira, esikhundleni sakhe.


benze izwe labo laba yincithakalo nento enximfelwa njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.


Lo muzi ngiyakuwenza ube yincithakalo nento enximfelwayo; bonke abadlula kuwo bayakumangala, banximfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.


USimakade Wamabandla uzifunga Yena uqobo, uthi: impela ngiyakukuthelekela ngezinkumbi zamabutho njengesikhonyane, ayokhuza iziqubulo zokunqoba ngawe.


eKeriyothe, eBhozira, nakuyo yonke imizi yakwaMowabi, ekude neseduze.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite