Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 49:12 - IsiZulu 2020

12 Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Uma labo okungafanele baphuze endebeni, bephuzile kuyo, pho kungani wena ungenakujeziswa na? Ngeke uyekwe ungajeziswa, impela nawe uyophuza kuyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, labo okwakungesibo okwabo ukuphuza indebe bayakuyiphuza nokuyiphuza; ubuyakuba ngongenacala na? Awuyikuba ngongenacala, ngokuba uyakuyiphuza nokuyiphuza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, labo okwakungesikho ukuphuza endebeni bayakuphuza impela; futhi nguwe oyohamba ungajeziswa nhlobo? ngeke uyeke ukujeziswa, kodwa kumelwe nakanjani uphuze kuso.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 49:12
9 Referans Kwoze  

Impela njengoba niphuzile entabeni yami engcwele, zonke izizwe ziyakuphuza zingaphezi, ziphuze, zigwinye, kube sengathi azizange zibe khona.


“Kepha ungesabi wena Jakobe, nceku yami; ungadangali, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usendaweni ekude; ngisho nabozalo lwakho ezweni abathunjelwe kulo. UJakobe uyakuba ongaphazanyiswa lutho, avikeleke, angasatshiswa muntu.


ngokuba Mina nginawe,’ kusho uSimakade. ‘Ngiyakukusindisa, ngiziqede nya zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, kodwa wena angiyukukuqeda. Ngiyakukuyala ngobulungiswa, angiyukukuyeka ngingakujezisi.’


Ngokuba washo kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli kimi, wathi: “Thatha le ndebe yewayini lentukuthelo esandleni sami, uphuzise kuyo zonke izizwe engikuthuma kuzo.


Odelela ompofu usola uMenzi wakhe, nothokoza ngengozi akayukuyekwa angajeziswa.


UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?” Bathi kuye: “Singasiphuza.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite