Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 49:11 - IsiZulu 2020

11 Zishiye izintandane zakho, Mina ngizozigcina ziphilile; abafelokazi bakho mabethembele kimi.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Shiya izintandane zakho, mina ngiyakuziphilisa, abafelokazi bakho bethembe kimi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Shiya izintandane zakho, mina ngiyakuziphilisa; nabafelokazi benu mabathembele Kimi.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 49:11
12 Referans Kwoze  

UnguYise wezinkedama, nomvikeli wabafelokazi; unguNkulunkulu osendaweni yakhe yokuhlala engcwele.


Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.


I-Asiriya aliyukusisindisa, ngeke siwagibele amahhashi, asisayukusho futhi kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi onkulunkulu bethu, ngokuba nguwe ohawukela intandane.”


Lowo ongumfelokazi ngempela, ongenabani, uthembele kuNkulunkulu, uhlala enxusa, ekhuleka ubusuku nemini.


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Akufanele yini mina ngikhathazeke ngeNineve, umuzi omkhulukazi, onabantu abangaphezu kwezi-120 000, abangakwazi ukwehlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, futhi onemfuyo eningi kangaka na?”


USimakade uyabavikela abafokazi, asize intandane nomfelokazi, kodwa abhuntshise indlela yezikhohlakali.


Yahlulelani ompofu nentandane, nimenzele okufaneleyo olusizi nontulayo.


Izintandane nomfelokazi ubenzela ubulungiswa. Uyathanda umfokazi, umnika ukudla nezingubo.


Ningacindezeli abafelokazi, izintandane, abafokazi, nabampofu. Kungabi bikho odlinzela omunye okubi enhliziyweni yakhe.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite