Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 49:10 - IsiZulu 2020

10 Kepha Mina, ngizomhlubula u-Esawu, ngambule izindawo zakhe ezifihlekile akayukukwazi ukucasha; izizukulwane zakhe, izihlobo zakhe, nomakhelwane bakhe bayakubhujiswa, baphele nya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kepha mina ngiyakumhlubula u-Esawu, ngambule izindawo zakhe ezichithekileyo, kanakucasha; inzalo yakhe ichithekile, nabafowabo, nabakhelwane bakhe, yena abe engasekho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kepha mina ngimambulile u-Esawu, ngambule izindawo zakhe zokucasha, akanakucasha; inzalo yakhe yaphangwa, nabafowabo nomakhelwane bakhe, futhi akasekho.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 49:10
13 Referans Kwoze  

Ngokuhlwa, kuba yingebhe yodwa; kuthi kungakasi zibe zingasekho. Yileso-ke isabelo sabasiphangayo, nonkatho lwabasiqhwagayo.


njengalokhu kubhaliwe ukuthi: “UJakobe ngamthanda, kodwa u-Esawu ngamzonda.”


Amaqhawe akho, Themani, ayakuthuthumela, ukuze kube yilowo nalowo abulawe ngokunqunywa entabeni yakwa-Esawu.


Noma bangacasha esiqongweni seKharmeli, ngiyakubathungatha, ngibabambe. Noma bangazifihla ekujuleni kolwandle ngingababoni ngawami amehlo, kodwa nakhona lapho ngiyakujuba inyoka ibalume.


“Ukhona yini ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” kusho uSimakade. “Angiligcwalisi yini izulu nomhlaba na?” kusho uSimakade.


Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama, nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezifihlakeleyo, ukuba wazi ukuthi nginguSimakade okubiza ngegama lakho, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.


Ngizakuphenya isidwaba sibe sebusweni bakho, bubonakale ubunqunu bakho.


Isigwebo sakho nesikhathi sokuthunjwa kwakho sekuphelile, ndodakazi, yaseZiyoni. Kodwa wena, ndodakazi, yakwa-Edomi, uzojeziswa, Yena uzozambula izono zakho, ngenxa yobubi bakho.


Maye, ngokuphundlwa kuka-Esawu, nokuvundululwa komcebo wakhe obufihliwe!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite