Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 48:47 - IsiZulu 2020

47 Kepha ngiyakukuguqula ukuthunjwa kukaMowabi ngezinsuku ezizayo,” kusho uSimakade. Kuphela lapha ukwehlulelwa kukaMowabi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

47 Kepha ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaMowabi ngezinsuku ezizayo,” usho uJehova. Kuphela lapha ukwahlulelwa kukaMowabi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

47 Kodwa ngizobuyisela inkatho yakwaMowabi ekupheleni kwezinsuku,” kusho uJehova. Kuze kube manje ukwahlulelwa kukaMowabi.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 48:47
22 Referans Kwoze  

“Kepha kuyakuthi ngezinsuku zokugcina ngikuguqule ukuthunjwa kwe-Elamu,” kusho uSimakade.


“Kepha emveni kwalokho ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabakwa-Amoni,” kusho uSimakade.


Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.


Sengifikile ukuba ngikuqondise okuyakwehlela abantu bakho ngezinsuku ezizayo, ngokuba umbono usenezinsuku.”


Kepha kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo; wazisile inkosi uNebukhadinezari okuyakuba khona ngezinsuku ezizayo. Iphupho lakho nemibono yekhanda lakho embhedeni wakho nakhu:


Ngiyakubanikela esandleni salabo abafuna ukuphila kwabo, nasesandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, nasesandleni sezinceku zakhe. Emveni kwalokho iGibhithe kuyakuhlalwa kulo njengasezinsukwini zasemandulo,” kusho uSimakade.


Ukuvutha kolaka lukaSimakade akuyukunqandwa, aze akwenze, akufeze okuhloswe yinhliziyo yakhe. Ngezinsuku zokugcina niyakukuqonda lokhu.


Intukuthelo kaSimakade ayiyukubohla aze akwenze lokho, ayifeze inhloso yenhliziyo yakhe. Ezinsukwini zokugcina niyakukuqonda nokukuqonda lokhu.


Kuyakuthi uma sengibasiphulile, ngibuye ngibahawukele, ngibabuyise, kube yilowo nalowo efeni lakhe nasezweni lakhe.


Intengo yalo nenzuzo yalo kuyoba ngcwele kuSimakade; ayiyukunqwatshelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyoba ngeyabahlala phambi kukaSimakade, ukuze badle, basuthe, babe nezingubo ezinhle.


Ngaleso sikhathi abantu abade, abanesikhumba esibushelelezi, bayoletha izipho kuSimakade Wamabandla, zivela kubantu abesatshwa kude naseduze; isizwe esinamandla nesinqobayo, esilizwe laso lihlukaniswe yimifula. Bayoziletha entabeni iZiyoni, indawo yegama likaSimakade Wamabandla.


Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami uyaphila, ekupheleni uyakuma othulini.


Ngiyazi ukuthi uma sengifile niyokona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo. Ngezinsuku ezizayo niyokwehlelwa ngububi, ngokuba niyokwenza okubi emehlweni kaSimakade, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


Ekuhluphekeni kwakho, lapho wehlelwa yizo zonke lezo zinto, uyophendukela kuSimakade uNkulunkulu wakho ngezinsuku zokugcina, ulalele izwi lakhe.


Bheka, manje sengiphindela kwabakithi, kodwa-ke woza ngikweluleke ukuthi laba bantu bazokwenzani kubantu bakho ezinsukwini ezizayo.”


Kuyokwedlula izinsuku eziningi bese uqoqwa; kuyakuthi ngeminyaka yokugcina ungene ezweni elibuyiswe enkembeni, eliqoqwe ezizweni eziningi, ezintabeni zakwa-Israyeli ezazihlala ziyincithakalo, selikhishiwe kubantu, manje sebezohlala belondekile bonke.


Usho kanje uSimakade ngabo bonke omakhelwane bami abakhohlakele, abaqhwaga ifa engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, nendlu kaJuda ngiyisiphule phakathi kwabo.


Iyakungena nasezweni elihle, namanye amaningi ayakukhubeka, kepha lana ayakophulwa esandleni sayo: o-Edomi, noMowabi, nemvama yabakwa-Amoni.


Noma bephakamisa izandla zabo, bephakathi kwayo njengababhukudayo, bevula izandla zabo bebhukuda, ukuphakama kwabo kuyothotshiswa naphezu kokuba begwedla kangaka ngezandla zabo.


“Qoqanani ndawonye nize, sondelani nina abasindileyo bezizwe; abanalwazi abathwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite